USENOVALO umndeni wowesilisa waseLouis Botha, eMnambithi, osalwela impilo yakhe esibhedlela emva kokuphuziswa i-acid abasolwa okuvela ukuthi babethunywe unina kubangwa amafa.
Lo wesilisa (26) ongeke adalulwe ukumvikela, uphuziswe i-acid ngo-Okthoba 12.
Ngemuva kwalesi sigameko, kwabe sekuboshwa unina kamgilwa, uNkk Sindi Mbatha nomunye wesilisa, uMnuz Msizi Mbhele, okuvela ukuthi unama-metered taxi, okusolwa ukuthi wayehlanganisa naye itulo lokusoconga umgilwa.
Isihlobo esiseduze nomgilwa esicele ukuba kugodlwe igama laso, siveze ukuthi bese kuyophela iminyaka emibili umgilwa nonina beyinkukhu nempaka.
Sithe lokhu kuza emva kokushona kukagogo kamgilwa ngoFebhuwari 2022, okuvela ukuthi uzala unina kamgilwa.
Isihlobo sithe umgilwa nengane yakwabo efunda uGrade 11 bashiyelwa ifa ugogo.
“Yize noma ngingeke ngande kakhulu ngolwazi olujulile ngalokhu ngoba lonke sesiluhambise emaphoyiseni kodwa ibiyinde kakhulu ingxabano phakathi kwabo. Kukhona nezinkulumo eziqoshiwe ezingcingweni zabo bobabili,’’ kusho sona.
Siqhuba, sithe nakuba bebemagange ukuthi kutholwe abasolwa abenzakalisa isihlobo sakhe kodwa bethuke boma sekuboshwa unina.
“‘Sasizitshela ukuthi kuzoboshwa abantu esingabazi. Sethuka kakhulu uma sekuboshwa unina kamgilwa,’’ sisho kanje.
Siveze ukuthi babenayo imibuzo ngesigameko kwazise abasolwa abagqekezanga, bavele bazingenela kalula.
Okwesibili, sithe abazange bathathe lutho, abakwenza ukumhlasela umgilwa kuphela.
Elandisa ngesigameko, isihlobo sithe abasolwa bangena behlome ngezibhamu, baqonda ekameleni okwakulele kulo umgilwa nentombi yakhe, bacaphuna yena baya naye egumbini lokuphumula.
“Bafike bamphuzisa ngenkani ukentshezi esingalwazi ukuthi lwaluyini olwalusesigujini sika-2litre. Umgilwa wayelokhu eluphimisa baze babiza intombi yakhe ukuthi izomphuzisa, nayo bayiphoqa,’’ kuchaza isihlobo esiveze ukuthi uketshezi lwamlimaza ngaphakathi umgilwa kanjalo nasentanyeni, esifubeni, ezingalweni nasezinyaweni.
Sithe wangeniswa esibhedlela engaboni lutho waze wangeniswa egumbini labagula kakhulu, kanti usephumile egumbini labagula kakhulu nakuba isimo sakhe singakagculisi.
“Akekho umuntu ovumeleke ukumvakashela ngaphandle kukayise ngoba sisabela ukuphepha kwakhe,’’ kusho sona.
Omunye umthombo uveze ukuthi unina kamgilwa kukhona naye akuhlomula efeni likagogo kodwa wakhombisa ukunganeliseki.
Udalule nokuthi emva kwesigameko sikamgilwa bagcine sebeshaya amakhala ngokufa kukagogo.
“Ngosuku ashona ngalo ugogo wayegule isigubhukane kulandela ukudla amasi ayekade ewenzelwe unina kamgilwa. Washona ngosuku aqala ngalo ukugula. Manje uma sekwenzeka nje, sesiyazibuza ukuthi akanaso yini isandla ekufeni kukagogo?’’ kusho umthombo.
Uveze ukuthi unina kamgilwa ushaqwe nalona wesilisa ezitolo kulandela ukuthola kwamaphoyisa ngezingxoxo zabo befunana inkokhelo ngokuphuziswa kukamgilwa i-acid.
“Owesilisa ubesefuna ngodli imali yakhe ngomsebenzi, unina kamgilwa engayizwa leyo, eveza ukuthi umsebenzi awenzekanga ngoba umgilwa akashonanga,’’ esho.
Kuvela ukuthi umgilwa nengane yakwabo efunda uGrade11 batholwa ngunina ngaphambi kokuthi ayoshada.
Bobabili bebeyizingane ebezikhuliswa ugogo okuvela ukuthi wayeyiphini likathishanhloko.
Imithombo ithe izihlobo zikamgilwa zifuna ukubona ubulungiswa.
Abasolwa kuvela ukuthi baboshwa ngo-Okthoba 14, bavela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi, ngo-Okthoba 16.
Bebevele ngoLwesibili icala labo lahlehliselwa u-Okthoba 29 no-30 ukuze bafake isicelo sebheyili.