UDJ Tira uthi ngeke aze aphawule kakhulu ngomdansi waseThekwini obonakala kwenye yama-video yakhe oboshwe nabayisikhombisa abasolwa ngokubamba inkunzi behlomile isitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo iClearwater Mall, Roodepoort, ngoLwesibili.
Lo mdansi oke wabonakala kushuthwa enye yezingoma esitebeleni i-Afrotainment ephethwe uDJ Tira, kulindeleke ukuthi avele enkantolo kaMantshi yaseRoodepoort, maduze.
Isolezwe lithole ngomunye wabasondelene nalo mdansi, ongeke adalulwe igama aze avele enkantolo, ukuthi akumangazanga ukuboshwa kwakhe njengoba bese kunezikhawu enukeka ezigamekweni zobugebengu.
“Thina siyasola namanje ukuthi uyathinteka ekuntshontshweni kwezinto estudiyo sikaTira. Noma ngingazi ukuthi kwenzakalani kodwa kukhona la ake asebenza khona noTira ezingomeni zakhe. Yena udabuka eShowe laba aboshwe nawo abanye - ngabe nginamanga - angibazi, kodwa yena udumile la eThekwini, uyabona ngoba sekudume uMgilane emdansweni bekudume yena ngaphambilini, uyaziwa nje impela,” kuchaza umthombo.
Isolezwe libe selithinta uDJ Tira, othe akaze babe nesivumelwane sokusebenzisana nalo msolwa kodwa okwenzeka ukuthi waba yingxenye yengoma ababeyenza e-Afrotainment.
“Uma sishutha ama-video kuba nabantu abaningi, nakuye u(emgagula ngegama) kwaba kanjalo. Akukho ebesikusayinile phansi okusenza sisebenzisane, sagcinana ngalolo suku, asiphindanga sabonana. Angimazi nje nakahle ukuthi ungumuntu onjani ngakho ngeke ngize ngilokhu ngikhuluma ngaye. Nabantu abalokhu bemkhomba kimi ezinkundleni zokuxhumana uma ngithi abake bakhombe umsebenzi esake sawenza naye ngeke bakwenze lokho, ngiyakubona nje okubhalwayo sekuvela igama lami kulolu daba,” kusho uTira kulezi zinsuku omatasa nokuphusha isiphuzo sakhe iMakoya Bearing nengoma esanda kuphuma esihloko sithi Siyaphothula.
UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uthe kulesi sigameko amaphoyisa nabezinkampani zonogada ezizimele basebenze ngokuzikhandla ekutheni kuboshwe laba ngokushesha.
“Kubasolwa ababili sithole izibhamu ezimbili, kube sekudubuleka amaphoyisa amathathu alashwe ngokushesha. Kuphinde kwadubuleka abasolwa abathathu. Kuvela ukuthi abasolwa abayisishiyagalombili bangene esitolo sobucwebe bakhomba abasebenzi ngesibhamu bathatha ubucwebe. Sibe sesilandela umkhondo osikhombe eDobsonville lapho kuphinde kwaboshwa abanye abasolwa,” kuchaza yena.
UMthombeni uthe obunye ubucwebe obuthathiwe bakwazile ukubuthola.