BASATHUTHUMELA othisha nabafundi baseMukelani Primary, KwaMashu, kulandela ukungena kwezigebengu - ebezihlome ziyizingovolo ngezibhamu - zaphuca othisha imali namaselula.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ntambama, kanti izolo abafundi abaningi nabanye othisha abalubhadanga esikoleni ngenxa yovalo.
Kwenzeka lesi sigameko nje, bekusabatshazwa isigameko sangoMsombuluko ekuseni, sokubulawa kukathisha wasePhikiswayo Primary eLindelani, odutshulwe wabulawa ngamadoda amabili okuthiwa angene ngaphakathi esikoleni ngesikhathi kuphithizela kungena abafundi, amdubula washonela emagcekeni esikole.
Ngokuthola kweSolezwe, esigamekweni sangoLwesibili unogada wesikole ukhonjwe ngesibhamu esebude buduze nesango lesikole abelikhiyile esawelisa abafundi bamabanga aphansi ebese bephumile ngoba baphuma kuqala esikoleni.
Elandisa Isolezwe, usihlalo wesigungu sabazali esikoleni, uNksz Zama Sokhulu, uthe unogada uvule isango esekhonjwe ngesibhamu, sekuthathwe neselula yakhe.
Uthe izigebengu eziyisithupha zimqhube zaze zamngenisa egumbini elihlala othisha. Kulo bekunothisha oyedwa nabafundi abebefundisa amagama, eSpelling Bee.
Lo thisha nalaba bafundi balaliswe phansi ngezibhamu, uthisha waphoqwa ukuthi akhiphe iselula yakhe.
“Izigebengu bezilinda kube nomfundi othunywe kuleli gumbi bese zimkhomba ngesibhamu, zithi akayobiza uthisha wakhe, ucelwa ngothisha abasehhovisi. Uma efika akhonjwe ngesibhamu aphucwe iselula noma kuthiwe akayivule kubhekwe ama-App anawo ukuze kusetshenziswe wona ukukhipha imali. Omunye wothisha ukhiphe uR3 000 obukhona kwi-App, omunye kuthathwe ikhadi lasebhange nenombolo eyimfihlo. Abebengenawo ama-App bashayiwe, omunye wathathelwa ijakhethi,” kuchaza uNksz Sokhulu.
Uqhube wathi kulamule umfundi okuthe uma ethunywa ukuthi ayobiza uthisha wakhe, waphuma wamemeza, ekhala. Kuphume abafundi ebebesemakilasini nothisha, izigebengu zabaleka.
Izigebengu kuthiwa zithathe nokhiye wemoto yomunye uthisha kodwa zagcina zingakwazanga ukuhamba nayo.
Izolo, uthe abafundi abafike esikoleni bangu-40 kwabangu-585 abafunda khona.
“Izingane zethu zithukile, eyami ithe isiyesaba ukuya esikoleni ngoba izigebengu zingena nasezikoleni zikhombe othisha nezingane ngezibhamu. Othisha abanye bakhona kodwa nabo bayesaba. Umnyango ubungakasho ukuthi kumele kwenziwenjani. Ngokwethu besifisa ukuthi kufike abeluleka ngezengqondo bakhulume nabafundi nothisha, ukufunda kuze kuqale ngesonto elizayo,” kusho yena
Uthe ekuseni kubakhona amaphoyisa kaMasipala weTheku awelisa abafundi, emini awabe esabuya, abafundi baweliswa ngunogada.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe ukhathazekile futhi udabukile ngalesi senzo, wathi ukuphepha nokuvikeleka kothisha nabafundi kubalulekile kakhulu.
“Umnyango uzibophezele ngokuhlinzeka ngosizo oludingekayo kothisha nabafundi abahlukumezekile. Sizokwenza okusemandleni ukuqinisa ezokuphepha eMukelani Primary nakwezinye izikole esifundazweni ukuze sigweme izehlakalo ezinjengalesi. Sinxusa abangaba nolwazi ukuthi basondele ukuze kuboshwe izigilamkhuba,” kusho uHlomuka.
Esitatimendeni umnyango uthe: “Sinabo onogada kwezinye izikole esifundazweni, kodwa lokho sekubonakele ukuthi akusona isixazululo ngoba kwezinye izikhathi bayahlaselwa baphinde babulawe yizigebengu,”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMashu avule icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
“Izigebengu eziyisithupha ebezihlomile kuthiwa zingene esikoleni ngoLwesibili, zaphuca othisha amaselula, imali nezimpahla zokugqoka,” kusho uCol Netshiunda.