I-ACTIONSA KwaZulu-Natal ikhala ngokuxhutha nangephunga elidabula ikhanda lapho kulahlwa khona udoti eduze kwesikhungo semfundo ephakeme eSpringfield, eThekwini.
Usihlalo waleli qembu esifundazweni ophinde abe ikhansela lalo eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe uzoceba lo mkhandlu kuhulumeni wesifundazwe.
Le ndawo okulahlwa kuyo udoti iphakathi nendawo kwamahhovisi kagesi nesikhungo eThekwini TVET College.
Akawuvali umlomo uMncwango ngakubone kule ndawo, wathi kuyihlazo ukuthi kubekwa impilo yezitshudeni engcupheni ngale ndlela.
“Kushiswa imfucuza nsuku zonke, abantu bayafka bezophonsa udoti wabo. Abafundi nabasebenzi kumele bahogele lomoya zinsuku zonke,” kuchaza uMncwango.
Uthe bazobhalela uMnuz Siboniso Duma, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, bamcele angenelele.
UMncwango uthe bafuna ukuthi uDuma aqinisekise ukuthi imithetho elawula ukongiwa kwemvelo iyalandelwa.
“Sizofaka isiphakamiso emkhandlwini siwuphoqe ukuthi uyivale le ndawo. Sifuna kube namaphoyisa azovimba abantu bangasondeli ukuzolahla udoti. Indlela okwenzeka ngayo ikutshela ukuthi iTheku alisenamthetho. Asikwazi ukuba nendawo enjena lapho umasipala ubeka engcupheni izimpilo zabantu,” kusho uMncwango egcizelela ukuthi umasipala ubudedengu ugembula ngempilo yabantu.
INhloko yezokuXhumana eThekwini, uNkk Lindiwe Khuzwayo, ithe sebezame izikhawu ukuhlanza le ndawo kodwa kuphenduke ize leze.
Uthe ngabamabhizinisi nezakhamuzi abalahla udoti ngokungemthetho kule ndawo kusukela ngo-2016 emuva kokuvalwa kwendawo yokulahla udoti eyayisemthethweni.
“Kudingeke ukuba izinhlaka ezahlukene emkhandlwini zisebenze ngokubambisana ukubhekana nalesi simo,” kusho uNkk Khuzwayo.
Udalule ukuthi namuhla ngoLwesithathu kuzotshalwa amaphoyisa omkhandlu kule ndawo besahlanganisa amakhanda ukuqhamuka nezinye izisombululo.
Ube esecela abantu basemiphakathini eyakhele iTheku ukuthi baqinisekise ukuthi izindawo abahlala kuzona zihlanzekile ngaso sonke isikhathi, bapheze ukulahla imvucuza yonke indawo.