KUKHUTHAZWA abafundi nabantwana ukuba bavuleleke babike emakhaya noma ezikoleni uma kunento noma isimo esingabaphethe kahle kunokuthi badele impilo yabo bazibulale.
Lokhu kuza emuva kwesigameko sokushona kukaThabiso Dladla (17) obengumfundi waseKhabazela High ongcwatshwe kubo eMbo, eThekwini izolo.
Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko emuva kokubhalwa kwesivivinyo, kunomfundi owalahlekelwe ifoni ekilasini ekugcineni kwabakhona abasola umufi ngokweba.
Lo mfundi kubikwa ukuthi weyiswa ngabanye abafundi abangamabhoklolo abagcina sebembeka isandla. NgoLwesibili kuthiwa uThabiso uzilengisile kubo washona.
Inhlangano ebhekele amalungelo ezingane nabantu besifazane, uThingo Crisis Centre ichaze lo mshophi njengobe yisifundo esibuhlungu emndenini, esikoleni nasemphakathini wonkana.
UNksz Sibongile Ngcobo wale nhlangano ubuze ukuthi zinyathelo zini ezithathwe yisikole umfundi eshaywa amabhoklolo? Abikeliwe yini amaphoyisa, osonhlalakahle nabezokuphepha?
Uqhube wathi okwehlele uThabiso akube yinto ebikade iqala futhi igcina ephonsela inselelo abazali nothisha ukuba bavuleleke ebantwaneni bakhe inkundla lapho bezozizwa bekhululekile ukuxoxa nganoma yini ebaphethe kabi.
“Mhlawumbe umntwana uzibone ehlambalazeke ngendlela engasabekezeleleki wazibulala. Kunokwenzeka ukuthi ukuhlukumezeka yinto abekade ephila nayo, enobuhlungu abona ukuthi akekho obunakile, wabona ukuthi ukuzibulala kuzothumela umyalezo wokuthi uyahlukumezeka. Abanye abantwana babafana banenkolelo yokuthi uma engakwazi ukuziphindiselela avele akhethe ukuzibulala okuyinto esingayikhuthazi nhlobo,” kusho uNksz Ngcobo.
Unxuse abantwana ukuthi baye eziteshini zamaphoyisa ezinosonhlalakahle babike uma behlukunyezwa.
UMnuz Marco Mbambo oyikhansela lendawo futhi obeyingxenye yabantu abebesemngcwabeni usiqinisekisile isehlakalo wathi sibashaqisile.
UMbambo uthe lesi sehlo siphoqe ukuthi kube nomhlangano womphakathi ophuthumayo obungoMgqibelo kubatshazwa okwenzekile.
“Isigameko sishiye abanye abafundi nothisha benovalo lokuya esikoleni ngenxa yabakubonile. Umfundi oshonile wathi akanalo ulwazi lwefoni entshontshiwe kodwa kwabakhona okuthiwa bamshaya bamkhahlelisa okwebhola. Ilapho ebone khona ukuthi impilo yakhe ayisaphephile kungcono aziphumuze,” kusho uMbambo othe namuhla izinhlaka ezahlukene zizovuya esikoleni ziyobheka isimo.
UMbambo uthe emhlanganweni kuthathwe isinqumo sokuthi bamiswe esikoleni kuze kuphothulwe uphenyo abafundi ababonakale kwi-video behlukumeza umufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isehlakalo wathi amaphoyisa aseHillcrest aphenya icala elimayelana nokushona kukaThabiso otholakale ezikhungile Embo.
Umthombo oxoxe naleli phephandaba uchaze lesi sikole ngokuthi kukwampunzi edl’emini. Uthe kunabafundi abasatshwayo abathathwa njengeqembu lezigelekeqe.
Abazizwa benomuzwa wokuzibulala bedinga umuntu abangakhuluma naye bangaxhumana nabe-SADAG enombolweni yamahhala ethi: 0800 567 567. Le nombolo isebenza amahora angu-24.