UMZWILILI ophelezele uNdunankulu kaZulu okhotheme, Inkosi Mangosuthu Buthelezi uthe, lisho lukhulu ithuba lokuvalelisa uButhelezi nabanye abadumile ngomculo.
USiphokazi Maphumulo owaziwa ngelikaNonzwakazi emculweni, ucule kusukela ngenkonzo yesikhumbuzo sikaButhelezi, waphinde wacula enkonzweni yokumphelezela, ebisenkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, oLundi ngoMgqibelo.
UNonzwakazi akaqali ukunandisa emicimbini ebaluleke ngalolu hlobo ngoba useke wacula enkonzweni yesikhumbuzo seNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu nasemcimbini wokugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
“Ukumenywa ukuba ngizocula emicimbini ebalulekile kuyangithokozisa kakhulu ngoba kungenza ngibone ukuthi ikhono lami libalulekile,” kusho uNonzwakazi.
UNonzwakazi uthe uthando lomculo lwaqala efunda uGrade 4 kodwa lagqama kakhulu esefunda eTisand Technical High. Uthe waqala wathola amathuba amaningi okucula, wacula neClermont Choir. Uthe esebona ukuthi unekhono lokucula izinhlobo zomculo ezahlukene waqala ukugxila ekuculeni yedwa ngo-2018.
Uphinde wazichaza njengentokazi ezimiselayo kukho konke ekwenzayo, ngoba njengoba ecula iClassical Music, Opera, Jazz & Afropop, uphinde amodele, alingise. Uthe umculi abukela kuye uSbongile Khumalo ongasekho emhlabeni.
“Ngike ngithi uma ngiziteketisa ngizibize ngo‘New Age Sbongile Khumalo’ ngoba ngiyamthanda, futhi uyangichaza ngoba naye wayengaculi i-classical music kuphela, kodwa wayethi uma eseshaya iJazz, kuthi cosololo. Sengibizwe ezindaweni eziningi ngizohuba amahubo kaPrincess Magogo. Njalo uma leli thuba livela, ngiyaye ngilalele uSbongile Khumalo ngoba uyena owenza ukuthi azwakale kalula. Izwi lakhe nje lilodwa liyangiqguqguzela ukuthi ngenze into enhle ngasosonke iskhathi uma nginikezwa ithuba, njengoba ngenzile enkonzweni yokugcina yeNkosi uMangosuthu Buthelezi,” kusho uNonzwakazi.
Echaza uthe njengoba enemisebenzi eminingi ubuye abe imenenja yemicimbi futhi okumgqugquzelayo ukuthi uyawuthanda umsebenzi wakhe.
“Uma ngihlangabezana nezinkinga, uthando lomculo yilona olusuke selungiqhuba ukuthi ngiqhubeke, nokwesekwa wumndeni wami kuyangisiza kakhulu. Ngaphandle komndeni wami, ngabe angikho la ngikhona. Kanti nabalandeli bakhuthazana kakhulu,” kuchaza uNonzwakazi.
Uthe izingqinamba aseke wabhekana nazo ukuthi ngesikhathi esafufusa kwakuba nezikhathi lapho ayengaholelwa ngomsebenzi wakhe. Uthe wayecula ngoba wayeseqhutshwa wuthando lomculo.
“Isimo esinjalo sidinga ukubekezela okusezingeni eliphezulu. Enye yezingqinamba ukuthi ngiwumculi ozimele, ayikho inkampani engiqopha kuyona. Yonke into engiyenzayo idinga ukuthi inkampani yami kube iyona ezongixhasa kukho konke,” kusho uNonzwakazi.
Uthe yilokho kubekezela okumbeke esigabeni akuso waphinde wahlomula kumaGagasi FM Shero Award esigabeni seCreative Arts ngo-2019, waphinda waphuma phambili emncintiswaneni i-Afrimusic Song Contest ngo-2019 ngengoma yakhe ethi Phakama Mbokodo. Uke wamenywa ukuyocula emcimbini i-Eurovision Village ngo-2019 owawuphesheya kwa-Israel.
Uthe esingakulindela kuye maduze ukuthi uzokhipha ingoma ethi Makhosazana ngo-Okthoba 6, kule ngoma usebenze noJoseph Dube.