BAMKHUMBULE njengomuntu obenobuntu nobeyisibonelo esihle emphakathini, bedlulisa amazwi enduduzo ngokushona kukaMjay “Jigga Money” Zama ongumnikazi wendawo yobumnandi eYadini eMlaza.
UMjay ushone ngoMgqibelo ntambama kulandela ukuxinwa yisifo sohlangothi.
UDJ Muntu obesebenza eduze noMjay, uthe bashayeke kakhulu bengamaciko.
“Akekho uDJ waseThekwini iYadi elingakaze limbize ukuthi azodlala kulo. Sishayeke kakhulu singamaciko ngoba ubewabiza ngokushintshana amaciko ukuthi azodlala eYadini, umuntu enze leyomali ayenzayo, akwazi ukuphila,” kusho uMuntu.
Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka eyisikhombisa baqala ukusebenzisana noMjay kanti ushona nje bebephezu kwezinhlelo zomcimbi wasePark Rynie oba minyaka yonke.
“Benginaye ngoLwesine sihlela umcimbi, ngingazi ukuthi uzoxinwa ukugula ngakusasa, kugcine kumthatha,” kusho uMuntu.
Ubuye waveza nokuthi ubewusizo kakhulu emphakathini, esiza abantu abaziyo nangabazi uma bebhekene nezimo ezinzima.
“Bekuke kufike abantu kuye bexakekile, beshonelwe, bengazi ukuthi bazongcwaba ngani. Bathi uma becela ukuthi angenelele, angabuzi lutho, abatshele ukuthi ababale ukuthi amalungiselelo wonke azobiza malini, bese eyabasiza ngemali, angcwatshwe umuntu,” kusho uMuntu.
Ubuye wathi, ubebuye asize nezinkumbi zabantu abaswele njalo ngeSonto, abanike amathambo nempuphu ukuthi bayothiba indlala.
“Konke lokhu bekukhombisa ukukhathalela umphakathi,” kusho uMuntu.
UNksz Zah Khumalo waseMojos Car Wash eMayville uthe kubathusile ukushona kukaMjay.
“Njengomuntu omnyama okuleli bhizinisi kubuhlungu ukuthi kudlule omunye wethu. IYadi belilikhulu kunathi siyiMojos, besibukela kulona. UMjay ubeyisibonelo esihle kithina esizithatha njengezingane kuleli bhizinisi ngoba ubesinika ithemba lokuthi nathi singakwenza kwenzeke,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe ubeke aye eYadini afike ajatshuliswe wukubona inqwaba yabantu uMjay abaqashile.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda naye ubhonge emswaneni wathi ubambe iqhaza ekudaleni amathuba omsebenzi nasekukhuliseni umnotho wasemalokishini.
Phakathi kweminye imicimbi emikhulu iYadi eseke layibamba kubalwa iGood Food and Wine Show Durban Township Cookout.
“Njengoba sidlulisa amazwi enduduzo sifuna ukusho ukuthi amagalelo akhe ekuthuthukisweni komnotho ayokhunjulwa nayizizukulwane ezizayo,” kusho uKaunda.
UNgqongqoshe wamaCiko KwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba uthe benguhulumeni badumele ngokudlula kwakhe emhlabeni.
“Ushiya isikhala esingavaleki. Ubehlale evule izandla ukusiza wonke umuntu. Ubehlale enza isiqiniseko sokuthi indawo yakhe inike ithuba amaciko ukuthi azibonakalise.”
Amaciko adlulise awawo amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana.
UBabes Wodumo uthe: “Lala ngokuthula baba wami, ufike ukhonze lapho kumyeni wami.”
UL’vovo uthe: “Mhlaba awunoni, phumula mfowethu.”
Ekhasini laseYadini ku-Instagram, kufakwe isitatimende izolo esiqinisekisa izindaba zokudlula emhlabeni kukaMjay.
Isitatimende sithe: “Sibuhlungu ngokudlula komsunguli uJabulani Thamsanqa Zama obaziwa ngelikaJigga Money. Ubewuhlobo lomuntu oyisimanga, egcwele uthando.”
Siqhube sathi bayabonga kubo bonke abakhombise ukweseka umufi.
Sibuye sathi ngenxa yokudlula kukaMjay, le ndawo yobumnandi izoke ithi ukuvalwa isikhashana kuze kuba kuyamenyezelwa ukuvulwa kwayo.
“Umndeni wakhe ucela ukunikwa ithuba lokuthi uzile kanti imininingwane yomngcwabo wakhe izomenyezelwa ngesikhathi esifanele,” kusho isitatimende.