UMLISA waseThongathi uthuse umphakathi wakukle ndawo nomnndeni ngesikhathi egonyuluka ngokuthi wambulala kanjani owesifazane wakuyo le ndawo isidumbu sakhe esatholwa ngo-Agasti siphume amathumbu ngaphandle eduzane nojantshi wesitimela.
Ngesikhathi kutholwa isidumbu sikaNksz Silindile Hadebe (29) waseHambanathi oThongathi kwabonakala ukuthi udlwenguliwe isidumbu sakhe sinamanxeba okugwazwa namathumbu ephumele ngaphandle emva kokuthi ehambe endlini ngayizolo ethi uyoluka.
NgoMgqibelo amaphoyisa abophe owesilisa okuthiwa utitinywe ngamalungu omphakathi kulandela ukuthi ezwakale ekhuluma nomunye bethukana nokwathi oyedwa wabo waveza ukuthi uyabandakanyeka kulesi sigameko sokubulwa kukaNksz Hadebe.
Usihlalo wekomiti elilwa nobugebengu emphakathini uMnuz Sphelele Mdletshe, uthe emva kokuthola umkhondo ngoMgqibelo, ube esebiza amanye amalungu ekomiti kanye nasebenza nabo ukuze ababikele.
“ Ingane yentombazane izwe ababili bexabana kwathi oyedwa wabo waphahluka esho ukuthi uyazi ngesigamko nokuthi uyena owabulala uNksz Hadebe.
“ Sibe sesiyalusukumela udaba namaphoyisa saqonda lapho kuhlala khona umsolwa samthola,” kuchaza uMdletshe.
Uthe emva kokuthintathinta (kokumshaya) umsolwa ube esedalula ukuthi yena nozakwabo babamba uNksz Hadebe inkunzi bamdlwengula nokwathi uma bethola ukuthi uyabazi banquma ukumgwaza isidumbu sakhe basishiya kujantshi.
Uthe umsolwa uphinde wadalula umuntu amdayisela ifoni kamufi, nokuthe uma beyoyibheka bayithola.
“ Indaba yefoni iyona eyenze sacacelwa ukuthi umsolwa unesandla ekubulaweni kukaNksz Hadebe. Yize singeke sisawubuyisa umphefumulo wakhe kodwa ukubanjwa komsolwa kusinikeza ithemba lokuthi kukhona esikwenzayo ukulwa nobugebengu futhi nabacabanga ukuganga bazothuka uma bebona ukuthi bazobanjwa,” kuchaza uMdletshe.
UMdletshe uthe uthole ukuthi umsolwa wayengayedwa ngesikhathi kubulawa uNksz Hadebe, kusolwa ukuthi omunye wabo akaziwa ukuthi uphi, kanti omunye kusolwa ukuthi usejele uboshelwe amanye amacala, ngoba ngenkulumo yakhe bekuzwakala ukuthi babebathathu ngesikhathi benza icala.
Ilungu lomndeni elingafunanga ukudalwa, lithe umndeni usekude ukudlulisa lesi sigameko.
“ Angiboni ukuthi kuzodlula ngoba into esithusa kakhulu isihluku okubulawe ngaso ingane yethu futhi ukutholakala ukuthi abenzi bobubi abantu basendaweni abayaziyo indodana yakhe kwenza kube nzima kakhulu. Yize esevelile umsolwa, wagonyuluka, kodwa, akukho okungapholisa isilonda esisele naso.
Uthe into ebathunuka kakhulu amanxeba ukuthi umufi unengane eneminyaka emihlanu elokhu ibuze njalo ukuthi washonaphi unina nokuba nzima ukuyiphendula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa oThongathi.
“ Kusolakala ukuthi ngo-Agasti 3, ngo-7.00 isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-29 satholwa sinamanxeba okugwazwa ekhanda eGandhi’s Hill oThongathi.
“ Umsolwa oneminyaka engu-28 uboshiwe wathweswa icala lokubulala kanti uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo,” kuchaza uLt Col Gwala.