Mamelodi Sundowns (1) 2
Royal AM (0) 1
IBAMBE ngakho kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ngesikhathi iqembu lakhe liqoqa amaphuzu agcwele ngokunqoba kwiRoyal AM emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Versveld.
Ngaphambi kokuqala komdlalo iSundowns ewunqobe ngamagoli kaSiphelele Mkhulise noKhuliso Mudau, uMngqithi ubalule ubumqoka bokuqoqa amaphuzu ngaphambi kokufaka ngokugcwele amahhanisi kweyase-Afrika.
Elokubika ekhaya leRoyal AM lishaywe uSibangani Zulu ngomzuzu wokugcina.
ISundowns izoqala idlale nePolokwane City, Cape Town City neSekhukhune United kweyeligi ngaphambi ngaphambi kokwamukela iManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) koka-Group B weChampions League ngenyanga ezayo.
“Kumqoka ukuhlonipha iRoyal AM kodwa njengoba sisekhaya simelwe ukuqoqa amaphuzu agcwele ukuze sizothi siya kwiChampions League sibe sesikhululekile,” kusho uMngqithi kwiSuperSport ngaphambi komdlalo.
“Okuhle ngeSundowns ukuthi bonke abadlali bayo baseqophelweni elilindelekile kungakhathalekile ukuthi unesikhathi esingakanani engayiqali imidlalo,” uphendule kanje uMngqithi ngokuqala umdlalo kukaThembinkosi Lorch, Devine Lunga noTebogo Mokoena.
Kucace zisuka ukuthi iSundowns izimisele ngokuqhulula inqwaba yamagoli okufakazelwe elikaMkhulise alishaye ngomzuzu wesithupha.
Nakuba iSundowns isheshe yalithola igoli kodwa lokhu akusho ukuthi ibizenzela okufakazelwa ukuphola kukanozinti wezivakashi, uXolani Ngcobo, kwaze kwayiwa ekhefini.
Esikhundleni sokuthi iSundowns ibuye ngamandla kube izivakashi ezikhombisa izimpawu zokudlondlobala esiwombeni sesibili.
Lokhu kuphoqe izinguquko kuMngqithi kwazise uyena obemelwe ukubuyela esicongweni.
Nangempela iSundowns ishayele isipikili sokugcina ngegoli ebeliqinisekisa amaphuzu agcwele ngaphambi kokudedela elokubika likaZulu.
Ngemuva komdlalo uMngqithi ephawula kwithelevishini, uthe: “Siqale kahle kodwa kunamaphutha amaningi esiwenzile engicabanga ukuthi abenokuthatha kancane iRoyal AM.
“Maningi amagoli obekufanele siwashaye kodwa ngeke ngikhale kakhulu ngoba sithole ebesikuzele emdlalweni okungamaphuzu amathathu.”