UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseMgungundlovu okutholwe isidumbu sakhe sinamanxeba ekhanda, siphoswe edamini eNanda.
Ngokuthola kweSolezwe, umndeni waziswe ngamaphoyisa ngoMsombuluko ukuthi uSipho Makhathini (22) waseMgungundlovu utholwe ngabantu edamini laseNanda ngeledlule, babikela amaphoyisa.
Ngokusho kukanina, uNksz Velephi Nene, uMakhathini bamgcina ngo-Ephreli 7 ehamba nabangani beya ephathini yomunye umngani wabo eNanda.
Kuthiwa abangani ayehambe nabo babuya bona ephathini kodwa yena wangabuya.
Uthe baqale ukudideka ngesikhathi bebuya abangani ephathini emva kokuphela kwempelasonto kodwa yena lutho.
“Baqale bathi bamshiye erenke yamatekisi eThekwini,” kusho uNksz Nene.
Uthe kuthe uma kuqhubeka izinsuku engabuyi babuyela futhi kubangani ukuyobabuzisisa ukuthi kwenzekeni.
Uveze ukuthi yilapho abashintshe khona babatshela ukuthi bona bamgcina ehilizisana nabesilisa abangabazi khona eNanda, emva kwalokho bababona sebemfaka emotweni ngenkani, bahamba naye.
“Yilapho esivele sayobikela khona amaphoyisa,” kusho uNksz Nene.
Uthi bathole ucingo luvela emaphoyiseni lubazisa ukuthi kutholwe isidumbu sikaMakhathini edamini eNanda.
Uqhube wathi banikele emakhazeni kahulumeni ukuyoqinisekisa ukuthi isidumbu sakhe ngempela yini uMakhathini esitholakele, bathola ukuthi nguyena.
“Ubelinyaziwe, ikakhulukazi ekhanda. Asazi ukuthi kwenzekeni nokuthi ubani lona oxabane naye maqede wamshaya waze wambulala,” kusho uNksz Nene.
Uthe indodana yakhe ibengesiye umuntu obethanda ukususa uthuthuva emphakathini yingakho kubadida ukubulawa kwakhe ngesihluku esingaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala emva kokutholakala kwesidumbu somuntu onamanxeba emzimbeni.