SITHELEKE engazelele isipho sesihlalo esinamasondo kowesilisa okhubazekile, isimo sakhe ebesesithinte abaningi nasezinkudleni zokuxhumana. UMnuz Bhekokwakhe Nzuna (32) waseMuden izolo uthengelwe isihlalo esishasha esihamba ngamasondo. Uthengelwe yiPhini leMeya kaMasipala uMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu emuva kokubona usizi abhekene nalo.
UNzuza utshele leli phephandaba ukuthi sekuneminyaka ephila ngesihlalo esifahlakile, okwenza abantu abaningi bathinteke yisimo sakhe.
"Angazi udaba lwami lufike kanjani emeyeni, engenzele izimanga ngabona isingena naso izolo ngingazelele. Kade ngangifisa ukuthola isihlalo esiphephile esizongihambisa kahle. Kufana noKhisimusi lokhu okungehlele," kusho uNzuza.
UNkk Mchunu okhiphe ephaketheni lakhe ethenga isihlalo, uthe uyabuqonda ubunzima abhekene nabo uNzuza okwenze wamsukumela ngokushesha.
"Ngesikhathi simvakashele ngifike ngabona nokuthi ziningi izingqinamba abhekene nazo njengoba nendlu ahlala kuyo ingekho esimweni esikahle. Ukuba nesihlo kuzomsiza kakhulu futhi siyazi ukuthi ekhaya badinga usizo lwendlu, esisematasa nakho," kusho uNkk Mchunu.
UNzuza uthe isifiso sakhe esikhulu manje wukuthola indlu ezoba nethoyilethe ngaphakathi ngenxa yokuthi kuba nzima uma exinwa yisusu ebusuku.