UZIMISELE ngokungachezuki kobekwenziwa nguyise uMfundisi osamncane waseZayoni ogcotshelwe kwesokuhola ibandla ebelikade liholwa nguyise ongasekho emhlabeni.
U-Archbishop Sakhile Mbatha (42) useyiNhloko yeHeroes of Christ Church in Africa iGalile Labezizwe.
Phambilini leli bandla beliholwa nguArchbishop Albert Mbatha odlule emhlabeni ngo-2018. Kusukela lapho leli bandla belikade lingenaye umholi.
Enkonzweni ebikade isehholo lomphakathi kwaMagaba, eHammarsdale kugcotshwe indodana kamufi, u-Archbishop Mbatha.
Kule nkonzo kuhlalukile ukuthi lesi kube yisinqumo esithathwe ubuholi obuphezulu baleli bandla elibalwa namanye amadala eNingizimu Afrika.
"Ubaba ubengumuntu obekwazi ukusebenzisana kahle nawo wonke amalunga aleli bandla, enjalo nje ubebahlonipha bonke abantu ngokuhluka kwezigaba zabo. Nami ngifuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe,''kuzibophezela u-Archbishop Mbatha.
UMbatha uthe njengoba esamncane ngokweminyaka, ufuna ukuthi kubonakale ukuthi abefundisi abasebancane bayakwazi ukuyibamba ishisa.
Inkonzo yokugcotshwa beyikade iholwa nguSolwazi Sazi Xulu wenhlangano iNational Christain Ministries.
USolwazi uXulu umncome kakhulu u-Archibishop Mbatha wamchaza njengomholi obonakala enezimpawu zokuthi angakwazi ukuhola abazalwane ngendlela efanele.
Uthe yingakho nje bethathe isinqumo sokuthi bamgcobe. Ube esemyala ngokuthi anyathele ngokucophelela futhi abathande bonke abazalwane abaholayo.
Uthe angalenzi iphutha abonakale esehlanezekezela izinto ekubeni ikhona inqubomgomo ibandla okumele libonakale liyilandela.
U-Archbishop Bongumusa Mpunguse weDamaseku Church of Christ unxuse uMbatha nomkakhe ukuba bawuqhube ngokucophelela umsebenzi wokuhola ibandla.
"Nibalalele abantu kodwa uNkulunkulu kube nguyena enimlalela ngaphezulu kwabo bonke,''ubayale kanje.