UTHABO Bester nesinqandamathe sakhe uDkt Nandipha Magudumana nabanye abasolwa abayisishiyagalombili bavele okokuqala eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein kulandela ukudluliswa kwecala lisuka enkantolo yemantshi ngonyaka odlule.
Bekulindeleke ukuthi kulalelwe izethulo zokuqulwa kwecala kodwa kwangenzeka lokho ngoba abasolwa ababili beshintshe abameli.
Kuvele ukuthi uThabo Bester unabameli abasha abafikile enkantolo kanti umsolwa wesishiyagalolunye uZanda Moyo, ulaxazwe abameli.
Kuphoqeleke ukuba inkantolo ihoxise izinhlelo zosuku kuze kube wukuthi uMoyo, odabuka kwelaseZimbabwe, uthola ummeli omusha.
Icala libe selihlehliselwa uJuni 5 nonyaka.
Yize kuvunyelwene ngokuhlehla kwecala nosuku olusha, kube nezikhalo ezimbalwa eziqhamuke nommeli kaThabo Bester, u-Advocate Seedat.
Lo mmeli ubikele inkantolo ngezikhalo ezintathu zalowo ammele: ukudla okungahambisani nesimo sakhe sempilo, ukunganikezwa izimpahla zakhe ngesikhathi elungiselela ukuya enkantolo kanye nokuncishwa ilungelo lokwenza izingcingo.
Ekhuluma ngokudla, lo mmeli utshele inkantolo ukuthi lowo ammele akakaze adle selokhu kusile ngoba ukudla alethelwe khona akuhambisani nesimo sempilo yakhe.
“Ikilayenti lami linesifo soshukela, ngaleyo ndlela ukudla elikulethelwe kona namuhla ekuseni nami ngikubonile, akumfanele neze umuntu odla imishanguzo yoshukela, yingakho linqabile ukukwamukela lokhu kudla,” kusho ummeli.
Ijaji libuzile ukuthi ukudla okulethelwe uBester bekusuka kuphi kodwa kangacaca ukuthi ufike namaphoyisa noma nabasebenzi basejele agcinwe kulo.
Lo mmeli ubuye wakhala ngokuthi uBester uyancishwa ilungelo lokuthi axhumane nabameli bakhe ngezingcingo futhi akuqondakali ukuthi kungani kwenzeka lokho ngoba kuyilungelo lakhe. Kulokhu, ijaji liyalele lo mmeli ukuba alusukumele lolu daba njengoba kusikazwe ukuthi icala lingahle liqulwe amasonto ngu-24, uyalidinga ngempela ilungelo lakhe lokuxhumana nommeli wakhe naye azihlelele ngendlela ukuqulwa kwecala.
Okunye okuvele njengesikhalo, yindaba yezimpahla zokugqoka. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi evela okokuqala nokwesibili enkantolo, kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngoba uBester wayegqoke izimpahla zikanokusho futhi ezinye zazo kungezaphesheya.
Manje kuvela ukuthi akasanikezwa izimpahla zakhe ukuba azikhethele okokugqoka kodwa usekhethelwa ngabasebenzi boMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo.
“Bonke abasolwa njengoba belapha bayazithola izimpahla zabo uma belungiselela ukuza enkantolo kodwa umsolwa wesikhombisa ukhethelwa ngabasebenzi basejele ukuthi agqoke ini.
Lokhu kusukumise uMshushisi u-Advocate Amanda Bester ochazele inkantolo ukuthi uBester uyisiboshwa esesigwetshiwe. Akafani nalaba abanye abasolwa, yena ukhethelwa abasebenzi basejele, kanjalo nokudla akutholayo wukudla akunikezwa ejele.
Ijaji liyalele ummeli kaBester ukuthi njengoba icala liguqa, akahlale phansi naye, aqoqe lonke ulwazi ngezikhalo ezikhona zilungiswe isikhathi sisekhona.