Usuthembele emaphoyiseni umndeni waKwaXimba, eCato Ridge, kulandela ukubulawa kwelungu lawo ngoLwesine, libulawelwa ophaqa bomngani.
UMnuz Siboniso Hlophe (23) kuthiwa udutshulwe umsolwa owaziwayo, ekubo kamngani wakhe endaweni. Kulesi sigameko kuphinde kwalinyazwa abesilisa ababili abangabangani bakamufi. Kuthiwa kumanje kusekubi kubona njengoba besegumbini labagula kakhulu esibhedlela.
Kuthiwa abomndeni baphuthume endaweni yesigameko emva kokuzwa kuqhuma isibhamu. Bathe uma befika khona bathola ukuthi abangani badutshuliwe.
“Sithe uma singena ngaphakathi, sathola ukuthi ababili balimele, oyedwa ubesakwazi ukuchaza ukuthi kwenzekeni kodwa uSiboniso ubesethule,” kusho uNksz Nomfundo Ndawonde okhulumela umndeni.
Udalule ukuthi bathole ukuthi ingxabano yophaqa ibisinesikhashana yaqala. Uthe umsolwa wabaqhwaga kumngani kamufi emasontweni ambalwa edlule.
“Ngosuku lwesigameko, bahlangane naye ebagqokile, babafuna. Ugcine ngokubanika, wathi uma esekude, wamemeza wathi uzobuya nezinja zakhe,” kubeka uNksz Ndawonde.
Uthe nangempela, umsolwa ubuyile esehamba nabangani bakhe, bafike badubula umufi nabangani bakhe. Abangani balimalile base bephuthunyiswa esibhedlela.
Uthe umufi ubedutshulwe kwesingenhla nokwenza babone ukuthi umsolwa ubehlose ukumbulala.
Uthe umfowabo omdala ongomunye wabagilwa, ubatshele ukuthi bebehleli endlini enkulu ngesikhathi bezwa kuqhuma isibhamu endlini engaphandle ebihleli abangani.
“Uthe bathe uma bephuma beyobheka babona izithunzi zabesilisa ziphuma zigijima, bazilandela, bezitshela ukuthi abangani bagijimisa izigebengu,” kusho yena.
Uqhube wathi abasolwa baphele emehlweni, maqede abafowabo boyedwa wabagilwa babuyela ekhaya ukuyobheka ukuthi kwenzakaleni ngoba sekucaca ukuthi akubona abangani laba ababalandelayo.
Uthe yilapho ke abazithele khona phezu komshophi wokuthi kanti abagilwa badutshuliwe endaweni yesigameko.
Uthe ngokwazi kwabo abasolwa bebengakaboshwa, basagcwele amathafa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMsunduzi aphenya icala lokubulala namabili okuzama ukubulala., emuva kokubulawa koyewa kulinyazwe ababili KwaXimba ngoLwesine.
Uthe ngokombiko abawutholile, laba abathathu bebehleli endlini ngesikhathi kutheleka abalisa ababili bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.
“Umgilwa oyedwa ushonele endaweni yesigameko, ababili baphuthunyiswa esibhedlela benamanxeba okudutshulwa,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa abakaziwa okwamanje nembangela yokubulala ayikahlonzwa.