UVULELWE icala lokushaya owesifazane uSomlomo kaMasipala iMooi-Mpofana, uMnuz Zweli Dladla.
UDladla, ophinde abe yikhansela laku-ward 2, uvulelwe icala esiteshini samaphoyisa aseNottingham Road, kulandela izinsolo zokuthi ushaye owesifazane.
Ngokuthola kweSolezwe, isigameko esiholele ekutheni uDladla aze avulelwe icala senzeke emhlanganweni wekomiti elibhekelele uhlelo lokushintshwa kwepayipi lamanzi endaweni. Akucaci ukuthi ingxabano isuswe yini.
UDladla uthe ubesezwile ukuthi uvulelwe icala kepha wathi amaphoyisa abengakamthinti.
“Nami ngisayizwa ngamahemuhemu eyokuthi ngivulelwe icala, ayikho into esemthethweni eshoyo ukuthi ngivulelwe icala futhi namaphoyisa awakaze azothatha isitatimende sami.”
UDladla ukuphikile ukuthi ushaye owesifazane, wathi kuyamdida ukuthi kungani amaphoyisa engakaze amthinte namanje uma kuwukuthi ngempela likhona icala avulelwe lona?
“Ngeke mina ngishaye umuntu wesifazane. Yingakho namanje ngisadidekile. Angazi noma le nto inenhlese yezepolitiki yini. Kungani le ndaba isize yafika kwabezindaba kodwa mina ngingakaze ngithintwe?
“Okukhathazayo ukuthi maningi amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane enzekayo kuleli lizwe. Uma kunabantu abazovele beqambe amanga bathi bahlukunyeziwe, lokho akuzukwenza yini ukuthi nabanye abesifazane bangabe besakholakala uma bevula amacala?”
Unobhala we-ANC kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Samora Ndlovu, uthe basazama ukululandela udaba lokuvulelwa icala kukaDladla.
“Sizwile ngakho kodwa iqiniso ukuthi akakathweswa amacala ngokusemthethweni.”
I-ANC inomthetho othi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni. Kepha uNdlovu uthe uDladla uzoqhubeka nomsebenzi njengoba engakathweswa amacala.
Ngakolunye uhlangothi, iDA ithe ifuna ukuthi amiswe emsebenzini.
Ikhansela leDA kulo masipala, uMnuz Sicelo Buthelezi, lithe bafuna ukuthi uDladla amiswe emsebenzini kuze kube ugeza igama lakhe.
“Uma icala ligcina ngokumlahla, sifuna ukuthi axoshwe futhi aphinde abhadle ejele. Isifundazwe sethu yisona esihamba phambili ngamacala okuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Ngeke sivume ukuthi kube nabaholi abazosolwa ngala macala. Sifisa ukuthi lolu daba lulungiswe ngokushesha kuphinde kube nobulungiswa.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNottingham, aphenya icala lokushaya.
Imizamo yokuthola ukuphawula kowesifazane okuthiwa ushayiwe, igama lakhe eligodliwe, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.