USomizi ‘Somgaga’ Mhlongo, useveze ukuthi ivoti lakhe aliyona imfihlo njengoba ezoliphonsa kwiqembu iNkatha Fredom Party ngokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
USomizi ukusho lokhu ngesikhathi ephethe uhlelo lukaMiss King Cetshwayo eMpangeni ngoLwesihlanu.
“Noma ningangi rekhoda, Inkatha Freedom Party phezulu, anginandaba ukuthi nithini kodwa mina ngonyaka ozayo ngila (ku-IFP), konke nje okuneNkatha ngiphakathi, ngifuna ningi rekhode, ngoba ngajika, ningijikele nami, siyavumelana? dankoo, angazi wena mara mina ngizovotela Inkatha ngonyaka ozayo. Uma ngibuka indlela uThami Ntuli agqoke ngayo, mina ngizoba nguNgqongqoshe wezengqephu,”kusho uSomizi.
IMeya yesifunda iKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli ibongele uzime onqobe uMiss King Cetshwayo 2023, uNokwanda Bila okhale wemuka nomacekeceke wemoto waphinde wathola isamba sika R30 000.
“Ngithi nje angihalalisele intokazi yakwa Bila ephuma ngaphansi koMasipala iMfolozi, esebenze kakhulu. Siyaziqhenya njengoMasipala wesifunda iKing Cetshwayo ngesikubonayo futhi sisazoqhubeka nokweseka intsha yethu,” kusho uNtuli.
Kumagcokama ezinsizwa, onqobe uMr King Cetshwayo kube uNsindiso Mthimkhulu waseNkandla yena othole isamba sikaR50 000.