LUPHETHWE wuphiko loKlebe oluphenya amacala abucayi nahleliwe olwezigameko ezintathu zokubanjwa kwenkunzi izimoto ezithwala imali KwaZulu-Natal, izinsuku zilandelana.
Lokhu kudalulwe ngokhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo.
Ezigamekweni ezimbili ezenzeke ngoMsombuluko, kubanjwe imoto ethwala imali kuthelawayeka uN2 eThekwini, kwathi esinye senzeka kuthelawayeka uN11 phakathi koMnambithi, neNewcastle.
NgeSonto kubanjwe imoto yemali oPhondweni, KwaMhlabuyalingana.
UMhlongo uthe eThekwini, imoto yemali ibanjwe inkunzi eduze nomgwaqo uHigginson Highway.
“Kuvele kwavumbuka amadoda alinganiselwa ku-30, adubula imoto yemali yakwaFedility yaze yama. Babe sebeyiqhumisa ngeziqhumane abebeziphethe, babaleka nemali eyisamba esingaziwa,” kuchaza uMhlongo.
Uthe kulesi sigameko abasolwa bathathe izibhamu ezimbili konogada abebehamba ngale moto.
“Okwamanje akekho oboshiwe, uphiko lweSerious Organised Crime Investigation lwaseThekwini, luphenya icala lokubanjwa kwenkunzi imoto yemali,” kusho uMhlongo.
Ngawo uMsombuluko, uthe imoto yakwaFedility ethwala imali ihlaselwe abasolwa ihamba emgwaqweni owuthelawayeka uN11 phakathi koMnambithi, neNewcastle.
“Bayidubule yaze yama. Base beyiqhumisa ngeziqhumane ebebeziphethe ngebhadi yangaqhuma indawo ehlala imali,” kusho uMhlongo othe bagcine behamba nezibhamu ezimbili zonogada kuphela.
Uthe abekho ababoshiwe, wathi isigameko siphenywa uphiko lwe-Organised Crime Investigation lwaseNewcastle.
KwesasoPhondweni, uthe abasolwa bazame ukubamba imoto yemali yakwaG4S phakathi kweBhambanana, neJozini.
“Bavele bayivukela emgwaqweni, bayidubula yaze yaphantshelwa amasondo, yama. Bazame ukuyiqhumisa ngamabhomu kodwa ngeshwa isisefo semali asangaqhuma nokwenze bagcina behamba belambatha,” kusho uMhlongo.
Nakulesi sigameko, uthe abasolwa baphuce onogada izibhamu ezimbili, wathi nakuso akukaboshwa muntu.
Udalule ukuthi baphinde badubula amaphoyisa abezidlulela ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Uthe uphiko lweSerious Organised Crime Investigation oluseRichards Bay, luphenya icala lokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali nelokuzama ukubulala amaphoyisa.