USOLA imizamo yokucekelwa phansi ababegaqele ithenda, usomabhizinisi kubulawa isihlobo sakhe sigade impahla yokusebenza esigamekweni esenzeke ngeledlule emgwaqweni u-M4 obheke eBallito.
UMnuz Thulasizwe Ntuli (33) ongumzala kasomabhizinisi uMnuz Stoney Buthelezi wenkampani i-Thelbridge Enterprise (PTY) Ltd, enikezwe umsebenzi wokulungisa umgwaqo uM4 ngaseBallito, kuthiwa ushone emva kokudutshulwa ngabasolwa abangaziwa egadile ngoLwesine ebusuku.
UButhelezi uthe uNtuli nezinye izihlobo, bekungakapheli sikhathi esingakanani ebalande emakhaya KwaHlabisa ukuzoba yiso lakhe njengoba ubelokhu ebona kunyamalala impahla ebalulekile ngaphansi kweso lenkampani yonogada abeyiqashele ukugada umsebenzi.
“Ngisola ukuthi kukhona abathile futhi abanamandla abenze le nto, mhlawumbe abangathandanga ukuthi kube yinkampani yami eyenza lo msebenzi.
“Bekulokhu kulahleka izinto, kwesinye isikhathi uthole ukuthi amaloli asekhishwe amalahle okungenze nganquma ukulanda abegazi lami emakhaya ukuthi bangibhekele umsebenzi ngoba bese ngingasabethembi kahle abangisebenzelayo,” usho kanje.
Elandisa ngokuthiwa kwenzeke ngesikhathi kudutshulwa uNtuli, uthe kungene ngendluzula abasolwa endaweni okuhlala kuyo impahla yokusebenza, babakhomba ngezibhamu abebegadile babavalela ethoyilethi.
“Kuthiwa uNtuli uzame ukulwa nokuyilapho abasolwa bemdubule khona. Uthe uthole ucingo obelumazisa ngosekwenzekile, ngesikhathi ephuthuma endaweni yesigameko esuka eMhlanga, ufike umzala wakhe esedutshuliwe, amasondo ayisishiyagalombili amaloli abeseqaqiwe, elaliswe phansi.
“Okwenza ngibone ukuthi abasolwa bebethunyiwe, isondo leloli lisinda kakhulu, bebezowuthathaphi u-crane wokuwalayisha bahambe nawo? Lokhu kuyakhombisa ukuthi kukhona umuntu onamadla obebathumile,” usho kanje.
Inkampani i-Thelbrigde Enterprise (PTY) Ltd inikezwe ngabakwa-Sanral umsebenzi wokulungisa umgwaqo u-M4 ukusuka eBoy’s Town kuya e-Westbrook Beach owacekelwa phansi yizikhukhula zango–2022.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa isigameko.
.