USOMABHIZINISI usolwa ngokuqhumuza uR256 000 wesalukazi esiwuthole emva kokuba silimale engozini yemoto.
UNksz Bongiwe Mathonsi onesitolo eMasayithini, eMolweni, ubevele eNkantolo yeMantshi ePinetown ekuqaleni kwesonto, ebhekene necala lokukhwabanisa imali kaNkk Hilda Zuma (87).
Kuthiwa uNkk Zuma wathola lesi samba ngoSepthemba nyakenye sivela kwiRoad Accident Fund (RAF).
Emva kokuyithola uthi waya kuNksz Mathonsi eyomazisa ukuthi imali isingenile.
UNkk Zuma uya kuNksz Mathonsi ngenxa yokuthi wayethe uma sekungene imali akomtshela ukuze ameluleke ukuthi kumele ayisebenzise kanjani.
Kuthiwa akalindanga ibhadi uNkk Zuma wanikela kuNksz Mathonsi eyomtshela ukuthi sezingenile izizumbulu.
UNksz Mathonsi naye akachithanga sikhathi, wathi abaye ebhange ukuze abe nesiqiniseko sokuthi imali ingenile ngempela.
“Ungithathile saya naye ebhange eHillcrest wathi ufuna ukungilungisela zonke izinto zami ukuze imali ingamosheki,” kusho uNkk Zuma.
Uthi sebesebhange wamnikeza ikhadi, wathi akaligcine ngokucophelela.
UNkk Zuma uthi wagcina ngalelo langa ukuya ebhange.
Ukwenza konke lokhu nje uNkk Zuma akamtshelile umzukulu wakhe ngoba engamethembi.
Uthi unake ngoba esexwayiswa umzukulu, esemtshela ukuthi uyabona yini ukuthi usisi wesesitolo impilo yakhe ishintsha ngendlela esolisayo, wakha isithabathaba somuzi, uthenge imoto, ifenisha, usenama-weave abizayo, iTV nokunye.
Kuthiwa ubezibusisa ngotshwala obubizayo.
Ingane yakhe kuthiwa uyikhiphile esikoleni ebifunda kuso endaweni, wayisa esikoleni somntakabani eMgungundlovu.
“Lo sisi bengimethemba kakhulu njengomuntu ebengiyaye ngikwelete kuyena iklabishi nesinkwa, ngiphinde ngimkhokhele uma sengihole imali yempesheni.
“Wathi angotshela yena ukuze angeluleke ngendlela efanele ngoba ungusomabhizinisi,” kusho uNkk Zuma.
Umzukulu uNksz Pamela Zuma, baya ebhange nogogo wakhe emva kokusola ukuthi kukhona okungahambi kahle.
“Yilapho sithole khona ukuthi imali lo sisi ubeyikhipha usuku nosuku. Sithole ukuthi sekusele uR7 000 kuphela ebhange,” kusho umzukulu.
Uthe lo sisi wanikeza uninakhulu ikhadi eliyisithipha elingenamali kwathi elikaninakhulu elinemali lasala ngakulo sisi.
Uthe kuyimanje uninakhulu usesaba ngisho ukuphumela phandle, useyamesaba kwalo somabhizinisi ngendlela amenzele phansi ngayo.
“Sewake wafika nalapha ekhaya nabantu engingabazi bezongikhipha endlini bethi isithengwe abantu baKwaMashu,” kusho uNkk Zuma.
Ummeli uMnuz Sandile Zondo owasiza ugogo ukuthola le mali, uthe sebevule icala emaphoyiseni.
Uthe basezinhlelweni zokuthi aye enkantolo ukuyothola igunya lokuthi kudliwe umuzi walo sisi nempahla enye ayithenga, ukuze ugogo abuyelwe imali yakhe.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uColonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseHillcrest aphenya icala lokweba.
“Umsolwa ukhiphe imali yomuntu omdala ngaphandle kwemvume yakhe.
"Kuboshwe owesifazane ona-41 wabekwa icala ngalokhu.
"Uvele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoMashi 5,” kusho uZwane.
UNksz Mathonsi uthe yena usezoziphendulela enkantolo ngakho konke asolwa ngakho.
Isitatimende sasebhange, Isolezwe ngoMgqibelo lisibonile.
Kuvela ukuthi ngoSepthemba 28 ngosuku okwangena ngalo imali kwakhishwa uR142 000 ngokwehlukana, ngo-Okthoba 1 kwakhishwa uR30 000, ngoNovemba 23 wuR10 000, Disemba 19 wuR10 000 kanti cishe usuku nosuku ubekhipha imali efika kuR10 000.