USOMABIZINISI ohlonishwayo nosesizindeni se-IFP, eMelmoth, usethathe isinqumo sokusungula elakhe iqembu lepolitiki.
UMnuz Bongani “Yebo” Majola, uthi uphoxekile ngesenzo samaqembu amakhulu indlela asingethe ngayo izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi, okwenze wasungula i-All Nations Movement (ANM).
UMajola uthe uselahle ithemba ngawo wonke amaqembu epolitiki abesebenzisana nawo, ngenxa yokuthi alikho elifuna ukulalela uvo lomunye umuntu uma engesiye usopolitiki.
“Sengisebenze nabantu abaningi abakumaqembu ahola uhulumeni kodwa akulalelwa muntu kuwona. Uma sebefuna izikhundla ezinkulu, ubagcina ngesikhathi kusakhankaswa, ababe besabonakala uma sekuqedwe ukuvota. Njengoba kuyiwa okhethweni uzowabona nezijumbane zokudla bepha abantu kodwa ngeke uphinde ubabone emva kokhetho. Mina nje ngidabuka eNjomelwane, eMelmoth, lapho kuphethe khona i-IFP. Selokhu yaphatha akukho ngisho umtholampilo eduze, nemigwaqo ekhona iyibhuqu, akukho ntuthuko engenayo emphakathini. Nobugebengu bande kangaka nje amaphoyisa aholelwa kancane okuyinto engawagqugquzeli ukusebenza ngokuzimisela. Awakwazi ngisho ukuthenga izimoto ekubeni umsebenzi wawo uyingcuphe njengoba kumele abophe abantu aphinde agibele nabo amatekisi,” kusho uMajola.
Iqembu likaMajola selibhalisiwe nakwa-IEC okusho ukuthi luzongenela ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo. Isolezwe Ngempelasonto linayo ikhophi yencwadi yakwa-IEC eqinisekisa ukubhaliswa ngokusemthethweni kwaleli qembu.
UMajola uthe kumanje bamatasa nemikhankaso yokunxenxa abantu ukuthi bajoyine i-ANM, wathi nangakubo eMelmoth sebethole inqwaba yabantu asebejoyinile besuka kwi-IFP.
Uthe ababhekile iKwaZulu-Natal kuphela njengoba besabalele nakwezinye izifundazwe ukunxenxa abantu ukuthi bajoyine i-ANM.
Njengoba kunemindeni aveze ukuthi uyithengela ukudla zonke izinyanga singanda isibalo sabantu abahlomulayo uma benganikwa ithuba. Wathi abamile ngokuthengela abantu ukudla kuphela kodwa bathembisa namathuba omsebenzi angcono.
Uveze ukuthi uma bevotelwa bazimisele ngokubuyisela uthando abazobe belunikwe abantu nangemuva kokhetho. Uqhube wathi akakholelwa nasekubuyiselweni komhlaba kubantu benganikiwe izinsiza zokuthi bawusebenzise ngoba ugcina ungabahlomulisi ngalutho.