OWAYENGUMNGANI omkhulu kanozinti we Orlando Pirates ongasekho uSenzo Meyiwa, izolo uvumile ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ukuthi ubufakazi bakhe behlukile kunalokho inkantolo eke yakuzwa phambilini kwethulwa ngomunye umngani kaMeyiwa, uTumelo Madlala.
UMnuz Zithulele Nxumalo, ongummeli kamsolwa wesine kwelokubulawa kukaMeyiwa uveze ukushayisana kobufakazi bakhe uMnuz Mthokozisi Thwala nobufakazi bukaMadlala eNkantolo eNkulu yasePitoli.
UThwala, owayengumngani kaMeyiwa futhi owayekhona endlini ngesikhathi kubulawa ngokudutshulwa uMeyiwa ngo-Okthoba 2014, wuye ohlonywa imibuzo enkantolo selokhu kuqale leli sonto.
Izikhawu eziningana uNxumalo uveze ukuthi ubufakazi obanikezwa nguThwala eminyakeni edlule ngesikhathi ebhala izitatimende ezehlukene, abusefani nasebunika inkantolo njengamanje.
Phakathi kwakho uNxumalo utshele uThwala ukuthi esitatimendeni asenza ngo-2014 emva kwesigameko, wathi uMnuz Longwe Twala wasukuma waya kumsolwa wafike wabamba isibhamu ayesiphethe.
“Kodwa manje enkantolo usuthi uTwala waphushela eceleni umsolwa, waphuma endlini wabaleka,” kusho uNxumalo.
UThwala uphendule ngelithi iphoyisa elamthathisa isitatimende ngo-2014 emva kwesigameko lathi kuye liyakuqonda ukuthi isigameko sibathusile, okungaholela ekutheni abuye azikhohlwe ezinye izinto.
“Waze wathi nginalo ilungelo lokuthi ngibuye ngizoshintsha okunye engikushilo esitatimendeni, uma sengibuyisa kahle umqondo ukuthi ngiphambanise ubufakazi.
Wabuye wathi ngingabuya ngizonezela obunye ubufakazi uma ngizwa ukuthi ubufakazi engibunikezile phambilini buyashoda,” kuphendula uThwala.
UNxumalo ubuyele ebufakazini bukaMadlala, owayengumngani kaMeyiwa osebethulile ubufakazi bakhe enkantolo. Ubuye wasola uThwala ngento efanayo uma eyamanisa ubufakazi bakhe nobuvela esitatimendeni esabhalwa ngunina wengane kaMeyiwa, uKelly Khumalo.
UThwala uthe akazange asondele nhlobo lapho okwakulilwa khona kodwa esitatimendeni sikaKelly, kuvela ukuthi uMeyiwa, uThwala noMadlala babelwa nomuntu owayephethe isibhamu.
“Angikuphikisi okubonwe uKelly kodwa kukhona engingavumelani nakho ngoba mina ngichaza okwabonwa yimi, nokwenziwa yimi, enginesiqiniseko sokuthi ngeke ngikukhohlwe,” kuphendula uThwala.
Ngezikhathi zasekuseni, ummeli kamsolwa wesithathu, uMnuz Charles Mnisi eqedela ukuhloma ngemibuzo uThwala, umsole ngokwethula ubufakazi obungamanga.
UMnisi uthe uThwala ukwenza lokhu ngenhloso yokudweba isithombe esithize, ngendlela okwabulawa ngayo uMeyiwa ngosuku lwesigameko.
UThwala uphendule ngokuthi azokusho yena ukuthi lokhu akwenzayo akusikho ukwethula ubufakazi obungamanga.
“Engikutshela inkantolo yilokho engakubona kwenzeka ngaphambi kwamehlo ami. Akuwona amanga,” kuphendula uThwala.
UMnisi uqhubeke nokugcizelela ukuthi uThwala ukwenze lokhu ngaphandle kokucabanga ukuthi kuzobuye kumxake ekugcineni.
Icala liyaqhubeka namuhla.