USOLWA ngokuba uhubhu kabhejane ufakazi oyiphoyisa, ngesikhathi ephekwa ngebhodwe elincane ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Lo fakazi onguConstable Sizwe Zungu, ubehlonywa ngemibuzo ngu-Advocate Zandile Mshololo, omele uMnuz Fisokuhle Ntuli, ongummangalelwa wesihlanu ecaleni.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi u-Adv. Mshololo ebuza uZungu ukuthi kwakusukelaphi ukuthi iphoyisa uMajor General Vincent Leshabane, lithi abaluyeke lolu daba, bangaphinde bakhulume ngalo.
“Ngesikhathi esho njalo, kwasekukhona abantu ababengisabisa ngokungibulala. Ngicabanga ukuthi wakusho ngoba ebona ukuthi ngithola izinsongo,” kuphendula uZungu.
“Ake siphinde silucubungule lolu daba lokusatshiswa kwakho, wasatshiswa kanjani?” kubuza uMshololo.
“Babesemotweni, oyedwa wakhipha isibhamu ngewindi, ngavele ngajika,” kusho uZungu.
UMshololo umbuze ukuthi bakhuluma yini, uZungu waphendula ngelithi abakhulumanga.
“Pho wase uyasabiseka njalo?” kubuza uMshololo.
“Yebo, ngoba ngangazi ukuthi babengobani nokuthi kungani babefuna ukungibulala. Ngeke ungasabi uma abantu bekukhiphela isibhamu,” kusho uZungu.
“Wawabikela amaphoyisa?” kulandelisa uMshololo ngombuzo osheshayo.
“Angisibonanga isidingo. Ngangazi ukuthi bangobani, nokuthi kungani befuna ukungibulala, ngangazi ukuthi kungenxa yaleli cala,” kuphendula uZungu.
“Cha, Mnuz Zungu, awubikanga ngoba uqamba amanga,” kusho u-Adv. Mshololo.
UZungu uphendule ngelithi: “Umbono wakho lowo.”
U-Adv Mshololo ngemibuzo yakhe enzima uke wabuza uZungu ukuthi uhambo lwakhe lwasehostela, waluthatha ngesikhathi somsebenzi yini?
UZungu uphendule ngelithi wayeseshayisile ngoba ngalelo langa wayejutshwe ukuthi uzoba yingxenye yomcimbi othile wamaphoyisa. Uthi kwathi uma uphela, wabe eseqhubeka nezindlela zakhe eziseceleni.
U-Adv Mshololo uqhubeke wambuza kabanzi ngaleso senzo, ethi wayegunyaziwe yini ukuthi ahambe izindlela zakhe ezingahlangene nomsebenzi ngemoto yombuso.
Uphendule ngelithi uma benikwa imoto yombutho ukuthi bayosebenza, kusuke kugunyazwe ukuthi iphoyisa liyisebenzise isikhathi esingamahora angu-24.
Ngasekuqaleni kokuphosa imibuzo ngu-Adv Mshololo, usole uZungu ngokwephula umthetho enikezela ngesibhamu sombuso kuGwabini, owayengagunyaziwe ukuphatha isibhamu samaphoyisa.
UZungu uthe uma ephendula lokho, wathi ucela ukungaphawuli lutho. Lokhu kuze ngemva kokuthi iJaji uRatha Mokgoatlheng, emkhumbuzile ukuthi ubemchazelile ngoMsombuluko ukuthi uma ethanda, unalo ilungelo lokungaphawuli ngento engahle imfake enkingeni.
Ngaphambi kwalokho uZungu uke wasolwa u-Advocate Zithulele Nxumalo, omele ummangalelwa wesine uMnuz Mthokoziseni Maphisa, ngakho ukusenga ezimithiyo.
UNxumalo uthe uZungu ukhombe uMaphisa kwezinye zezithombe enkantolo lapho engekho khona.
UNxumalo ubuye wamsola ngamanga ngobufakazi obuthinta uMnuz Snakho Sibiya, ongasekho. Uthe kungamanga ukuthi uZungu athi babenoSinakho ehostela eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014 ngoba ngokolwazi alutholile uSnakho ngaleso sikhathi wayezifundela uGrade 11 eFakaza High, engakaze alubhade eGauteng.
UNxumalo uqhube wathi akulona iqiniso futhi uma uZungu ethi wabuza uGwabini ukuthi izibhamu azinikwa abasolwa asikho yini adubula ngaso uSnakho maqede wasiphosa emfuleni.
“Leso sigameko okwadutshulwa kuso uSnakho walimala, senzeke ngo-2017, ngo-2014 sasingakenzeki,” kusho uNxumalo.
UZungu uthe ucela ukungaphawuli ngalokhu ngoba uNxumalo akazi ukuthi uSnakho udutshulwe kangaki. Wathi ukhuluma ngento angenalo ulwazi layo uma ethi ukudutshulwa kwakhe kokuqala kwaba ngo-2017. Wayivala ngelithi enye into edala ukuthi angabe esafuna ukuphawula ngalokhu ukuthi uSnakho lona, ugcine efa ngakho ukudutshulwa nyakenye, umndeni wakhe usafuna ubulungiswa ngalokho.
Icala liyaqhubeka namuhla.