UKHIHLE esikaNandi enkantolo owayengumdlali weBanyana Banyana efakaza ngempilo enzima aseyiphila kusukela adlwengulwa, wagwazwa, wakhuthuzwa, washiywa kuthiwa ufile.
Lona wesifazane othandana nobulili obufana nobakhe futhi elingeke lidalulwe igama lakhe ngoba ungumgilwa ecaleni elithinta ucansi, uchazele inkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngobunzima bempilo nokushabalala kwamaphupho akhe emuva kwalesi sigameko.
Udalule ukuthi useyinhlekisa emphakathini waKwaMashu ngoba okwamehlela ebusuku ngoNovemba 29, 2020 kwamshiya engenalo iso.
Uthe manje usegqoka izibuko ubusuku nemini kushisa noma kubanda.
IMantshi N Sipunzi, igwebe uSandile Wiseman Nikwe (34) udilikajele ngecala lokudlwengula, iminyaka engu-10 ngecala lokuzama ukubulala neminye engu-10 ngelokuphanga kuhlonyiwe.
Ukhishelwe umbandela othi akasakufanele ukuphinda aphathe isibhamu empilweni yakhe.
“Sengiyinhlekisa emphakathini abantu bangibiza ngamagama ngento engenzekanga ngokuthanda kwami. ”Ngangidlalela iBanyana neqembu lebhola esigabeni esikhokhelwayo eThekwini, kuyimina engondla umndeni wami.
“Ngangibizelwe ukuyokwenza inhlolokhono kwiMamelodi Sundowns Ladies kanti ngizoba neshwa ngidlwengulwe,” kuchaza umgilwa.
Uqhube wathi okwamehlela kwamshiya nesilonda angakholwa ukuthi siyoke siphole.
Ngesikhathi ethula ubufakazi ubekhala, uze wakhumula izibuko wakhipha neso lokufakelwa wabuka ngqo uNikwe, wambuza ukuthi amenza khona wayekwenziswa yini nokuthi wayehloseni ngakho?
Uveze ukuthi ngesikhathi emdlwengula bejijimezana, uNikwe wathi, uyaqala ukuhlangana nesif%*# esilwa kanje. Wambuza ukuthi kanti bangaki abanye aseke abenza into efana nalena.
Ubuze nokuthi ziphi izimpahla zakhe aziphangwa uNikwe okuyibhulukwe elimnyama, i-anda, iwashi, iselula nophaqa okungatholakalanga? UNikwe uvele wabheka phansi, wathula du.
“Ngangingeke ngitholakale ukuba ngangintekenteke. Wangishiya odakeni, uzitshela ukuthi ungibulele. Wangigwaza amanxeba emqaleni engase ngiphefumula ngawo,” kusho umgilwa.
UNikwe waboshwa ngoDisemba 4, 2020 wanqatshelwa ibheyili njengoba esebhadle iminyaka emine ezitokisini.
Uwaphike kwaze kwaba sekugcineni amacala, wathi ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga.
Usole umgilwa wathi nguyena owayezifunela ucansi abalwenza bevumelene.
Ukhombe ngenjumbane umgilwa wathi nguyena owayefuna ukumgwaza wabe eseyazivikela, ulandulile ukuthi zikhona izimpahla zikamufi azithatha.
UMshushisi uNksz Shenola Sewbaran obekunguye obelusa ngemibuzo umgilwa, naye ubebonakala evukwa wumunyu echiphiza ngesikhathi (umgilwa) echazela inkantolo isimo sakhe.
UNksz Sewbaran ubuye waveza ukuthi ukupheka ethulula abameli uNikwe, yikhona okubambezele ukuphothulwa kwecala wahlala sonke lesi sikhathi asesihlale esitokisini.
Imantshi ibuhlabe yabuhlikiza ubufakazi bukaNikwe yathi bungamampunge, kodwa yamukela obukamgilwa obufakazelwe nayimibiko yodokotela ababili.
Kuthiwa umgilwa wahlangana noNikwe ebusuku ngo-11 ngesikhathi eyobheka umngani wakhe.
Kuvele ukuthi uNikwe wayazi ukuthi umgilwa udlala ibhola futhi uthandana nabobulili obufana nobakhe.
Kuvele ukuthi uNikwe wadonsela umgilwa emseleni, bajijimezana wagcina ewile (umgilwa) wase emgwaza ngebhodlela emqaleni nasemhlane. Kuthiwa wabe esemdlwengula, maqede wamphanga izimpahla zakhe.
Umgilwa utshele inkantolo ukuthi wasindiswa ukuthi wavele wazenza ofile okuyinto eyenza uNikwe wamshiya kanjalo ezitshela ukuthi ushonile.
Uchaze ukuthi watibula waphuma exhaphozini ayeshiywe kulona, waphumela emgwaqweni wabonwa ngabantu abamphuthumisa emtholampilo.
Uthi yilapho kwafika khona izihlobo zakhe wazilandisa ngokumehlele wachaza nokuthi uNikwe omdlwengulile.