AKABONWA nangalukhalo owesilisa okusolwa ukuthi uye owokhele umlilo emjondolo womunye abexabene naye kuKennedy Road eThekwini entathakusa izolo kwagcina kuphuma isidumbu.
Kulesi sigameko kushe imijondolo engaphezu kuka-600, kwasala dengwane amakhulu abantu.
Kusolwa nokuthi kungahle kube khona ezinye izidumbu ezitholwayo ngaphansi kwezinkethe njengoba kuqhubeka ukuhlolwa komonakalo.
Kuvele nokuthi kukhona ingane okubikwa ukuthi ayibonakali ebihlala kuyo lemijondolo.
Umhlali wakule ndawo, uMnuz Dumile Noxhaka, uthe basola ukuthi umlilo udalwe omunye obehlala kule mijondolo.
“Ubexabene nomunye ohlala khona la. Lo esimsolayo ukuthi uye odale le nhlekelele, ugwazwe yilo abexabana naye maqede wasonga, wathi uyabuya,” kusho uNoxhaka.
Uthe nebala ubuyile, wezwakala esememeza ethi “abantu abaphume, kuyasha”.
Uveze ukuthi lokhu ubekusho ebaleka.
“Kusukela lapho asiphindanga sambona. Wonke umuntu onendlu lana ukhona, uye kuphela ongekho,” kusho yena.
Ukhale ngokuthi njengamanje sebephenduke ondingasithebeni.
Uthe bathembele emaphoyiseni ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngalo abasola ukuthi udale inhlekelele.
“Mina nje ngiphume nengane yami enonyaka nezinyanga ezine kuphela. Anginalutho, asazi sizolalaphi, asazi sizodlani ngoba silahlekelwe yikho konke,” kusho uNoxhaka.
UMnuz Vuyani Mkala, ongumfowabo kamufi, uMnuz Mhlawentsuku Macala (23) uthe ubengekho ngesikhathi kwenzeka isigameko, ehambe ngokomsebenzi.
“Ngifike sekusha, kungasangeni ngisho nezimoto ngaphakathi. Ngithole ucingo kwabanye abafowethu, bethi angiphuthume ngize ngoba sekonakele,” kusho uMacala.
Uthe uthole ukuthi umfowabo ubengaphakathi elele, wavalelwa umlilo, wangakwazi ukuphuma.
Uthe bangabokuzalwa e-Eastern Cape, kanti bacela usizo lokuhanjiselwa isidumbu khona ngoba bebengalindele ukuthi kuzokwenzeka le nhlekelele.
Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka emithathu ehlala kule ndawo.
Abanye bakhale ngezingane zabo ezifundayo, ezishelwe yikho konke kubalwa umfaniswano wesikole nezincwadi.
UMengameli waBahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe usenovalo lokuthi kungenzeka kutholwe ezinye izidumbu.
“Ukuba abantu bakithi bebenikezwa umhlaba, bebengeke bazithole bembondelana endaweni eyodwa. Kuyihlazo ukuthi abantu abanawo umhlaba ezweni lawokhokho babo,” kusho uZikode.
Uphosele uhulumeni inselelo yokuthi utholele abantu umhlaba ngokushesha.
“Ukuze abantu baphungulwe ukuze kuzovulwa kahle amaphaseji kuthi uma kwenzeka izinhlekelele ezifana nalezi, kukwazi ukuthi kusheshe kufike usizo, umonakalo ungakabi mkhulu kangaka,” kusho uZikode.
Uthe badumele ngokuthi abantu abamnyama bafika emadolobheni bezozama impilo kodwa babuyele emakhaya sebewumlotha.
Uthe bahlaba ikhwelo eminyangweni ehlukene kahulumeni okukhona kuyo owezokuHlaliswa kwaBantu, owezaseKhaya, iSassa ukuthi isondele nganeno ukuzonikela ngalo lonke usizo oludingwa abakhahlamezekile.
Okhulumela izicishamlilo eThekwini, uNkk Nqabakazi Nqoro uthe kusenzima ukuthi bangasho isibalo esiqondile semijondolo eshile.
“Sinabane abaphuthunyiswe esibhedlela, kukhona oyedwa oshonile, nomntwana oneminyaka emine okubikwa ukuthi akatholakali,“ kusho uNkk Nqoro.
Uthe ngokwabo, abakayazi imbangela yomlilo.
“Sithole ucingo ngo-2:55 entathakusa, safika ngabo-3:10. sithe uma sifika lapha bese kusha ubuhanguhangu. Okwenze kwaba nzima ukuthi ayikho indlela yokungena, kodwa sagcina sesiyitholile, kwasho kona ukuthi umlilo ubusuhambe ibanga elide,“ kusho yena.