UKHALE ngokuthi akekho umzali okufanele abone izitho zangaphakathi lomzimba wengane yakhe zigcwele umgwaqo, uMphathiswa woMnyango wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma.
UDuma usho lokhu ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo wabangani abayisihlanu kwabayisishiyagalombili abaphangalala engozini enyantisa igazi eMandeni, ngoLwesihlanu olwedlule.
Emngcwabeni, enkundleni yezemidlalo eMaRomeni kufihlwe uMnuz Sifundo Zikhali (18) obesanda kuqeda u-matric engasebenzi, Mpumelelo Dladla (23) naye obesanda kuqeda u-matric engasebenzi, Velangenkosi Ncwane (19) obengumfundi waseSikhuthele High, uSiphile Dladla (17) obefunda uGrade 11 noBanele Sishi obefunda uGrade 10.
NgoMgqibelo enkundleni yezemidlalo efanayo, kungcwatshwe izelamani uMnuz Sphelele Ngcongo (27) obengumshayeli wetekisi noSimphiwe Ngcongo (25) obengumlimi.
UDuma uthe: “Akekho umzali okufanele abone into efana nale ngomntwana wakhe.”
Udalule ukuthi abanye babafi bebenqamuke ngisho namakhanda.
“Kodwa izisebenzi zezempilo zenze konke okusemandleni ukubuyisela kahle amalungu emzimba yabafi. Benze umsebenzi oncomekayo, benza lokho,” kusho uDuma.
Uthe kulesi sikhathi esinzima, ufisa imindeni yabafi iduduzeke njengoba ibeka endaweni yokugcina abathandiweyo babo.
Kulo mngwabo bekukhona namaphoyisa omgwaqo asaqeqeshwayo, okuthiwa azojoyina asenesikhathi endimeni yezokuphepha.
UDuma uphinde washayela ihlombe izinhlaka ezehlukene zomphakathi ngokuhlanganyela nomnyango ukududuza imindeni elahlekelwe.
Esigamekweni esadlula nemimphefumulo yabafi yayibandakanya iToyota Avanza ababehamba ngayo neloli okuthiwa kwashayisana mahlanze, kwashona abayisishiyagalombili.