SIKHIHLA esikaNandi isaguga (78) saseLovu, eThekwini esiqolwe isamba semali owesilisa waseMgababa, esidayisela indlu yomxhaso okungesiyo eyakhe.
UNkk Cecilia Mswazi (78) otshele Isolezwe ukuthi usephenduke undingasithebeni, uthe bekunguMeyi nyakenye ngesikhathi ethenga umuzi kuMnuz Daluxolo Sifumba ngoR160 000.
Elandisa ngesigameko, uthe wayefuna ukuthola umuzi omusha emva kokudayisa omdala ayesehlale kuwo iminyaka.
Uthe wezwa ngowesilisa wendawo ukuthi uSifumba udayisa umuzi wakhe osendaweni, wamnika inombolo yocingo ukuba amshayele.
“Sengimshayela ucingo ngathola ngempela ukuthi uyawudayisa umuzi. Wajaha ukuthi sikhokhelane, wathi nokho itayitela akakalitholi,” kusho uNkk Mswazi.
Uthe uSifumba wathi uma selibuya itayitela, liyoshintshwa libize uNkk Mswazi.
Uthe baya ebhange, bayofakelana imali isuswa ebhange likaNkk Mswazi, iya kwelikaSifumba.
“Ngahamba ngayongena kahle endlini kodwa kwathi uma kuphela isonto omakhelwane bangitshela ukuthi ngizophuma kabuhlungu kuwo, sengikhishwa abanikazi bangempela,” kusho uNkk Mswazi
Uthe wathi uma ebuyela kuSifumba, wangundaza, maqede waqala waziba izingcingo zakhe.
Uthe kuthathe isikhathi ezama ukuthi uSifumba ambuyisele imali yakhe, kwaze kwafika ekutheni ayomvulela icala ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
“Ungenze isilo sengubo engiqola imali yami yokugcina. Ngesikhathi ngithenga indlu, nganginethemba lokuthi ngizoba nekhaya elikahle kanti angibuzanga elangeni,” kusho uNkk Mswazi.
Uthe akufunayo kuSifumba, imali yakhe.
Ethintwa uSifumba uthe uNkk Mswazi ukhuluma iphutha, yena wamtshela ukuthi indlu ayikabi netayitela emdayisela wathi akunankinga.
“Emva kwezinyanga ezintathu ehlala kuyo wathi iyavuza akasayifuni, ngamtshela ukuthi imali uyoyithola uma sengithole itayitela,” kusho uSifumba.
Uthe kumanje kuhlala indodana kaNkk Mswazi kule ndlu.
Uvumile ukuthi indlu kwakuzoba eyomuntu othile kodwa wagcina enikwa enye indlu eCornubia.
Uthe akulona iqiniso ukuthi uziba izingcingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseManzimtoti aphenya icala lokukhwabanisa kulandela isigameko lapho isaguga siqolwe isamba semali.