USEPHILA ngokumkhohlisa nsuku zonke umzukulu wakhe ongalali engambuzanga unina owabulawa nendodakazi yakhe endala besolwa ngokuthakatha umakhelwane eNewlands West, eThekwini ngo-2020.
UNkk Nomkhosi Simamane usho kanje ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho bekulindeleke kuqale khona icala labasolwa izolo.
Kwabulawa umakoti wakwakhe, uNkk Simangele Simamane nomzukulu uSibongakonke Mthembu (12) izidumbu zabo ezatholakala zigxishwe epotimendeni elikhulu zalahlwa ehlathini laKwaDabeka, eClermont.
Selokhu kwenzeka lesi sigameko, indodakazi kamufi, eyayineminyaka emibili kubikwa ukuthi ayilali ingambuzanga unina.
UNkk Simamane ufikelwe wusizi, wasikhihla isililo echaza ngobunzima abhekene nabo njengoba kumele akhohlise umzukulu wakhe ngokuthi unina usemsebenzini ukuze alibale.
Uthe lokhu sekwaba wusikompilo njengoba umzukulu ngezinye izinsuku ebuye adideke azitshele ukuthi uyena unina.
“Ngihlala ngithunukala sonke isikhathi ngoba ingane isambuza unina. Ngphatheke kabi kakhulu ngoba nendodana yami (uMnuz Senzo Simamane) ayikho esimeni esikahle nakumzukulu kunzima. Side isikhathi, sekungowesithathu lo nyaka ngihlukumezeke kakhulu. Ngicela ingalo yomthetho ilisheshise lidlule leli cala,” kusho uNkk Simamane.
Eqhuba uNkk Simamane uthe kuyimanje unokhwantalala futhi awekho namaphilisi awadlayo.
Ukuvezile nokuthi akakaze athole ukwelulekwa ngokwengqondo nangokomoya selokhu kwenzeka lesi sigameko.
Ukudonsa kwaleli cala uthe ngenye yezinto ezimenza angadluli ebunzimeni akubona futhi ubeka iziqeshana zezindaba okusuke kubhalwe kuzona ngaleli cala azigcine ukuze ngomuso azifundise umzukulu ngokwenzeka kunina uma esekhulile.
“Ngilindele ukuthi kube udilikajele kulobu buhlungu engibuzwile. Ngicela kube isigwebo esiqinile ngalokhu abakwenza bangaphinde baphume,” kusho uNkk Simamane.
Abasolwa okungoNkk Pamela Zamisa, indodakazi yakhe, abanqatshelwa ibheyili bangene ebhokisini labasolwa befaniselene ngezingubo ezimnyama.
Umsolwa wesithathu oyisihlobo, owayeneminyaka engu-13 ngesikhathi sesigameko, ungene esephaphatheka enkantolo efika emuva kwesikhathi ewudlubhe uphelele umfaniswano wesikole.
iJaji Graham Lopes likuhlehlisele inamuhla ukuqala kokuqulwa kwecala obekulindeleke kube izolo ngenxa yokuthi kunelinye ematasa ngalo.
UNomfundo Ngcobo, owayengomunye wabasolwa, walivuma icala wagwetshwa iminyaka engu-20.
Nowayeyisoka likaNkk Zamisa, uNicholas Sithembiso Lamula (41) walivuma icala wagwetshwa iminyaka eyisithupha njengoba kuthiwa nguyena owathunyelwa ukuthi ayolahla izidumbu.
Abasolwa kuthiwa baqale bathumba uSibongakonke base beyenga unina ukuthi eze emzini wabo bezoxoxa njengomakhelwane baxazulule ingxabano kamsolwa oseneminyaka engu-16 nomufi.
Kwaba wukufika kukamufi kulo muzi wavalelwa nengane yakhe, bashaywa kanzima, uNkk Simamane waze washiswa ngamanzi abilayo bagcina ngokushona besolwa ngokuthakatha owesilisa wakulo muzi owashona.