ZIDLANA imilala embangweni wesikhundla senhloko yamaphoyisa kaMasipala weTheku, esivuleke ngokushiya kobesiphethe uMnuz Steve Middleton, oseyodla impesheni.
Kulindeleke ukuthi uMiddleton, ashiye ekupheleni kukaJanuwari, kanti sesikhangisiwe isikhala sakhe. Ukwemukelwa kwezicelo zomsebenzi kuvalwe ngoLwesihlanu olwedlule, sekusezandleni zikamasipala ukuthi uqale ukuhlunga.
Isolezwe ngeSonto lihabule ngomthombo ongaphakathi ukuthi izicelo zingaphezu kuka-100, nokukhomba ukuthi likhulu isasasa labagaqele isikhundla. Kuvela nokuthi sihambisana netshe lemali enguR 1.4 million ngonyaka, kukhona nemihlomulo ehlukene. Ukuvalwa kokwemukelwa kwezicelo kuzolandelwa wukuqalwa kwenhlolokhono.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, ukuqinisekisile ukuthi bazama ukuthola inhloko entsha kodwa wathi abakwazi ukukhuluma okuningi manje.
“Sicela nisinike ithuba ngoba wuhlelo lwangaphakathi lolu okufanele luhambe ngendlela efanele, uma sekuphothulwe konke siyomemezela,’’ kusho uMayisela.
Iphephandaba libuye lahabula ukuthi iPhini leNhloko yamaPhoyisa kaMasipala weTheku, uMnuz Sibonelo Mchunu, libhekwe ukuthi lingene esikhundleni. UMchunu usenesikhathi esebenzela uphiko kanti uneziqu zePublic Relations neLLB Honours nezinye izitifiketi abezithola ngaphakathi.
Ethintwa uMchunu ukuba aqinisekise ukuthi usifakile isicelo, akathandanga ukwanda ngamazwi.
“Ngikholwa wukuthi ngiwulungele umsebenzi kodwa ngiyabahlonipha abanye abafake izicelo, angikwazi ukukhuluma kakhulu. Sekuyoba sezandleni zabaqashi ukuthi babona kanjani bona,’’ kusho uMchunu.
Kwenzeka lokhu nje, uphiko lwamaphoyisa kaMasipala weTheku belumatasa kulezi zinsuku luhlunga abafisa ukulujoyina babe ngamaphoyisa. Kufike inqwaba yabantu abafake izicelo bama imigqa emide ngethemba lokuhlabana ngomsebenzi.