IZITOLO ezinkulu zakwaShoprite noCheckers ziqeqeshe abalimi abasafufusa ngamakhono kwezolimo ngenhloso yokuthuthukisa imiphakathi kuzona zonke izifundazwe.
Babalelwa ku-2 580 abalimi asebecijwe ngaphansi kohlelo lwabalimi bezingadi eziwu-220. Ubukhulu balezi zingadi benza u-4.5 million m2 sekuhlanganisa nezingadi zasemakhaya nasezikoleni, eziwu-3 750.
Babalelwa ku-61 064 sebebonke abantu abahlomula ngaphansi kwalolu hlelo ukuxosha ikati eziko njengoba ngonyaka odlule kukhishwe ukudla okungadliwa abantu abangaphezulu kuka-1 million.
UShoprite noCheckers ezitolo zakuleli unikeza abalimi abawu-40 ithuba lokudayisa imikhiqizo yabo ngosuku lweMarket Day ngoLwesine olwedlule nokuyilapho bethole ukwenza inzuzo ethe xaxa kunejwayelekile emphakathini.
Omunye wabantu abahlomula ngaphansi kwalolu hlelo uMpho Motaung weCarroll Shaw Memorial Centre eRandfontein.
"Kuyintokozo ukuhlala siba yingxenye yeMarket Day ngoba uShoprite usinikeza ithuba lokudayisa imikhiqizo yethu kwimakethe enkulu, nomphakathi uhlala useseka nokusilekelela ekwakheni inzuzo," kusho uMotaung.
KwaZulu-Natal kubalwa abeSiyaphambili Women's Club eseManzimtoti, Siyakhula Community Project eseGingindlovu, Qabungelihle eliseThekwini, Khula Nathi eseMount Edgecombe, Siyazondla KwaPhindangene esoLundi, Velemseni Farming Group ezinze e-Estcourt kanjalo neYenzanathi Community Upliftment Project eseHillcrest.