UBANJWE ugesi washona umsebenzi ngesikhathi ezama ukutakula uzakwabo obesenkingeni efana neyakhe.
Kuthiwa uMnuz Sithembiso Nkomanisi (20) uficwe wukufa ngesikhathi yena nabanye asebenza nabo belungiselela ukuqala umsebenzi.
Kuvela ukuthi bebezolungisa isiphehlimandla sikagesi iNkobongo Substation, eShakaskraal, KwaDukuza ngoMsombuluko.
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza uMnuz Sphesihle Ngobese, ulandise ngokuthi umufi ubengumsebenzi wenkampani ezimele eyaziwa ngokuthi Ijuba Investments ebijutshwe wumasipala ukwenza umsebenzi wokulungisa isiphehlimandla sikagesi.
“Kusolakala ukuthi uNkomanisi ubanjwe ugesi ngesikhathi ezama ukuhlenga uzakwabo okunguyena oqale wabanjwa ugesi,” kusho uNgobese.
Kubikwa ukuthi umsebenzi wokulungisa okuthile kulesiphehlimandla sikagesi bewuzokwenza kunqamuke ukuphakelwa kukagesi emiphakathini eminingi eyakhele uWard 7, 8, 12, 20, 23 no-28.
UNgobese ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, enkampanini abeyisebenzela, ophikweni lukagesi nakubantu abebemazi.
Ube esefisela ukwelulama okuphuthumayo kuNgema okuthiwa uyelashwa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMhlali avule idokodo lapho ephenya khona imbangela yokushona komuntu.
Uthe kusolakala ukuthi uNkomanisi nozakwabo bebekade benza umsebenzi wokushintshwa kwamakhebuli kanti uzobanjwa ugesi.
Uthe ushonele esibhedlela efika.