KUDUTSHULWE umama nendodakazi bafa elokishini iChiawelo eGoli ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko kudutshulwe umama oneminyaka engu-82 ubudala nendodakazi yakhe eneminyaka engu-59.
Kuthiwa umama nendodakazi yakhe bebehlela ukuya emakhaya KwaZulu-Natal ngesikhathi behlaselwa ngowesilisa ongaziwa bafa endaweni yesigameko.
UNtsiki Mzimela ongumakhelwane wabagilwa, utshele abezindaba ukuthi bezwe umsindo womuntu omemezayo ekhala kakhulu.
“Ngizwe kunokukhala okukhulu nezinja zikhonkotha kakhulu. Ngithe ngilalele lokho ngezwa nomama ethi naye uzwa okufanayo. Siphumele phandle siyobheka ukuthi ngabe kwenzenjani, sabona omakhelwane nabo bemi emagcekeni abo bebuzana okufanayo,” kusho uNtsiki.
Omunye umakhelwane ogamalakhe ligcine lingatholakalanga, ubone owesilisa eqa udonga lwakwamakhelwane, wahamba kancane kodwa uqale ukubaleka esejika ikhona.
“Kubonakala sengithi wumuntu obenza into ayaziyo loya, ngoba ubengaphethe lutho obelukhombisa ukuthi bekugqekezwa ngenhloso yokweba kodwa wenze umsebenzi wakhe, waphuma wahamba,” kusho umakhelwane wesilisa ozibonele ngawakhe isithunzi somuntu athi ungowesilisa eqa kwamakhelwane ebaleka.
Amaphoyisa asesiteshini saseMoroka asendaweni yesigameko njengoba kuqhubeka ukuchazwa kwezidumbu nabasemakhazeni abalungisela ukuzithatha.
Kuphenywa amacala amabili okubulala. Akukaboshwa muntu okwamanje.