OWAXOSHWA ekubeni yikhansela eThekwini, ushintshe ebusweni, wafuna ukuhamba imantshi isakhuluma naye iqeda kumncisha ibheyili.
Abangani nezihlobo nabo bavele badangala ngesikhathi bezwa imantshi ithi uMnuz Mzimuni “Mzi” Ngiba uzobuyiselwa ezitokisini.
Imantshi uMelanie de Jager ngoLwesihlanu ithe awekho amaphuzu amasha futhi anqala avezelwe inkantolo uNgiba nabathathu aboshwe nabo. Icala lihlehliselwe uJanuwari 2024.
UNgiba noMnuz Nkosinathi Ngcobo, Sandile Mzizi noSifiso Mlondo bathweswe amacala awela esigabeni sesithupha; okungamabili okubulala namabili okuzama ukubulala.
Bayaphika ukuthi yibona ababulala uMnuz Siyabonga Mkhize, owayezoba yikhansela, nelungu le-ANC, uMnuz Mzukisi Nyanga eCato Crest, eMayville ngo-Okthoba 2021.
La madoda abesechithwa okwesibili yinkantolo esicelweni sawo sebheyili, kwazise ngo-Agasti 2022 kwenzeka okufanayo.
“Inkantolo kumele izenelise ukuthi ngempela amaphuzu esicelo sebheyili sesibili masha futhi ayikaze iwezwe esikhathini esidlule. Ngeshwa akukho okunqala eniza nakho, nalawo maphuzu amasha eniwavezile awachazi ukuthi ngininike ibheyili.
Kuyobe inkantolo ayibenzi ubulungiswa uma inikhulula,” kuchaza imantshi.
UNgiba kwale ngisho ezikhalela, ethi akasesebenzi, umholo wakhe wokugcina ekubeni yikhansela likaMasipala waseThekwini uwuthole ekupheleni kukaSepthemba nonyaka.
Imantshi ithe vele kuba njalo uma umuntu egcinwe ngaphakathi ezitokisini, akaholi engasebenzanga.
Imantshi ithe yiwona la madoda abambezela icala lawo ekutheni liqhubekele phambili ngoba bekubukeka engakulungele ukuqala kwalo.
Iveze nokuthi uMbuso ubukade ukuphikisa nokuthi abamangalelwa banikwe ibheyili, uwasola nangokuxhumana nofakazi esejele. Lokhu kuthiwa kuphoqe obezokuba wufakazi ahoxe ngenxa yokwesatshiswa.
Kuthe uma uNgiba etshelwa ukuthi akayitholi ibheyili, wasukuma wama ebhokisini labasolwa efuna ukuhamba kodwa wavinjwa wukuthi abamangalelwa ababili abebeseceleni esandleni sakhe sokudla kabanyakazi, balalele imantshi.
Lokhu kumphoqile ukuthi naye ame ngoba indlela yokudlula ingekho.
Abebekade bezokweseka la madoda baphume belandelana enkantolo begcwele indumalo.
Le wadi izoba nokhetho lokuchibiyela ngoDisemba 13.