UKHALE mi izinyembezi oyilungu lesigungu esilwa nobugebengu emphakathini, ethula ubufakazi mayelana necala lokuqothwa kwabayisishiyagalolunye eMlaza, elibhekene nowesilisa oneminyaka engu-25.
UMnuz Phiwayinkosi Sibisi ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho obekuvele khona ummangalelwa, uMnuz Siphamandla Dlomo.
UDlomo uthweswe amacala awu-13; kuwona okukhona ukubulala abantu abayisishiyagalolunye, amabili okuzama ukubulala, elokugqekeza nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
UDlomo uvele wawaphika wonke amacala, wathi kusezandleni zoMbuso ukuthi ulethe ubufakazi obuphathekayo bokuthi uyena owakwenza.
USibisi obe ngufakazi wesibili ecaleni, uqale wachaza ngobudlelwano bakhe noDlomo, athe babukade bubuhle ngaphambilini.
Uvele wakhihla esikaNandi ngesikhathi esechaza ngosuku lwesigameko sango-Agasti 11, 2023.
Ubebonakala ebuka ummangalelwa kube sengathi ufisa ukumbamba ngezandla, ekhala aze abheke phezulu azesule ngethawula izinyembezi. Abuye aphuze namanzi abewabeke eduze kwakhe.
IJaji uSophia Steyn limbuze kaningi uSibisi ukuthi ukahle yini ukuthi angaqhubeka nokuthula ubufakazi?
Uvukwe kakhulu umunyu ngesikhathi esechaza kabanzi ngokwenzeka ngalolu suku.
"Ngambona uSphamandla ephethe isibhamu ngaphakathi endlini encike ngehlombe odongweni. Mina ngangingemuva kwakhe. Ngalwela ukuthi akaphenduke ukuze ngimbambe isandla aphethe ngaso isibhamu,'' usho kanje.
Zimane zazehlela kakhulu izinyembezi kuyena ngesikhathi esechaza ukuthi babanga isibhamu waze walimala esandleni.
Uthe kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu ezimbili ngaphakathi ejakhethini yakhe ayekade eyigqokile.
"Ngambuza ukuthi ufunani lana, wangiphendula ngokuthi uzolanda umazisi wakhe,'' echaza.
USibisi ubekade eqale wachaza ukuthi umazisi kaDlomo wawuyisa emaphoyiseni emveni kokuba ethe wawuthola eduze kwezidumbu ezintathu zababulawa bephuma ethaveni ekwa-Q, eMlaza, ngoMashi 27 nyakenye.
Kuleso sigameko kwabulawa umfowabo kaDlomo ayekade ehilizisane naye ngayizolo kade bephuza, uMnuz Sakhile Ndlovu. Abanye ababili ababulawa kuleso sigameko nguMndeni (esingatholakalanga isibongo sakhe) noDani Ndlebe.
USibisi uthe uDlomo ufike eMlaza ngoJanuwari 2023, esuka eMbumbulu, ezohlala kubo elethwa uNdlovu.
Uthe ngoMashi 26, babephuza kanti kuzosuka uthuthuva phakathi kukaNdlovu noDlomo kubangwa ukuthi kukhona umuntu owafa lapho ababekade beye khona bobabili.
USibisi uthe kwathi uma ewuthola lo mazisi eduze kwezidumbu wabona ukuthi akawuthathe awuyise kubaphenyi.
"Ngamshayela ucingo uDlomo ngisendaweni yesigameko okwakubulawe khona abantu abathathu, ngimbuza ukuthi uSakhile nomazisi wakhe (uDlomo) ukephi. Waphendula umbuzo owodwa, wathi umazisi wakhe usekhaya,'' usho kanje.
Uthe ngemuva kwalokho, wabona ukuthi asikho isidingo sokuthi aphinde axhumane naye ngoba wambona njengomuntu ongathembekile.
USibisi uthe yiloyo mazisi ke uDlomo ayesewufuna ngodli ngosuku lwesibhicongo sango-Agasti 11.
Kusolakala ukuthi isibhamu okwaqothwa ngaso abathathu ngoMashi, saphangwa uMnuz Buhle Freedom Zuma.
UDlomo ubebukeka ekhulelekile njengoba ubephethe ipeni nephepha njengabameli eqopha konke obekukade kwethulwa ofakazi.
Ngaphambi kwalokho uDlomo, ubukane nowesifazane okusolakala ukuthi uyisinqandamathe sakhe, maqede bamamatheka bobabili.
Uphinde wabonakala ecifelana iso nomunye wesilisa okukholakala ukuthi uhlobene naye.
UDlomo ubebabuka ngeso elibi bonke abantu angabazi ebebesenkantolo.
Ngaphambi kukaSibisi, kuqale kwafaka iphoyisa uConstable Kyle Chetty osebenza esiteshini samaphoyisa saseMlaza, echaza ukuthi uyena nomunye uzakwabo abafika kuqala endaweni yesigameko.
Kuvele nokuthi uDlomo wazama ukubulala uSibisi nentombi yakhe uNksz Zandile Shangase. Wazama nokugqezeka umuzi kaSibisi.
Utheswe amacala okubulala okuhleliwe oMlungisi Zuma, Phakamani Sibusiso Dlamini, Maxwell Sibisi, Regional Bongimpilo Ngema, Thabani Ngcobo, Mhlengi Khathi, Ayabongwa Mbayise, Sifundo Sibusiso Dlamini noSifiso Cele.
Owayengummangalelwa wesibili kuleli cala, uMnuz Zimisele Ngcongo, kuvele ukuthi wendela koyisemkhulu ngoJanuwari nonyaka.
Icala liyaqhubeka namhlanje.