BALINDILE ukuthi uMbuso nabameli babelane ngemininingwane yecala ebalulekile kwelokubulawa kwesisebenzi sikaMasipala weTheku.
Lokhu kudalulwe izolo eNkantolo eNkulu eThekwini, ngesikhathi kuvele uNkk Gugu Mchunu (50), noBen 10 ayethandana naye uMnuz Lindani Phungula (30).
Laba ababili basolwa ngokuthi yibona ababa ngongqondongqondo bokubulawa kukamufi uMnuz Jabulani Mchunu (54), owayesebenzela uMkhandlu weTheku, ophikweni lwezicishamlilo olusePinetown.
Umufi kuvela ukuthi wadutshulwa esemzini wakhe oseMariannhill, ngonyaka owedlule ngo-Ephreli.
Kuthiwa kwagasela amadoda amabili afike angqongqoza kwathi uma evula isicabha amdubula ngoyaba lwezinhlamvu waphelela khona lapho.
Izolo uMshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi, utshele inkantolo ukuthi kunamaphepha abalulekile okusamele afinyelele ezandleni zabameli babasolwa ngaphambi kokuba icala liqale ukuqulwa.
IJaji uMnuz M. Nkosi libe seliyalela uButhelezi ukuthi enze isiqiniseko sokuthi amaphepha ayafinyelela kubona bobabili abameli namhlanje.
Lithe kumqoka ukuthi uMbuso nabameli babelane ngemininingwane yecala ngokukhulu ukushesha.
"Ngicela ukuthi amaphepha okukhulunywa ngawo abameli bobabili abamele abasolwa basheshe bawathole ukuze lingabambezeleki icala,'' usho kanje.
Icala lihlehliselwe ukuthi liqale ukuqulwa kusasa. Ngosuku lwesigameko kuvela ukuthi uNkk Mchunu wazenza umuntu ogodukayo oya emakhaya kubo ukuze ezonikeza intuba ayebathumile ukuba bezobulala umyeni wakhe.
Kuthiwa wayefuna nokwakhaeba isithombe sokuthi akaxhumene nokubulawa komyeni wakhe ngoba kwenzeke egodukile.
Kodwa uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekutheni kuboshwe yena noPhungula.
UNkk Mchunu unguthisha ofundisa esikoleni samabanga aphansi iBruyns Primary. Kuthiwa wahlela itulo ngoba efuna ukuhlomula ngamafa omyeni wakhe.
Phambilini uMshushisi watshela inkantolo ukuthi bazoba yishumi ofakazi abazobizwa kuleli cala.
Ngaphambilini umndeni kamufi ukhuluma neSolezwe wezwakalisa ukudumala ngokuthi kuboshwe owomndeni ngalesi sigameko.
Abamangalelwa bobabili bangaphandle ngebheyili. Ngaphakathi enkantolo bekugcwele abomndeni kamufi, nemindeni yabasolwa.
Bobabili abamangalelwa phambilini batshela inkantolo ukuthi bahlela ukuliphika icala lokubulala.