ZIBABAZA isihluku iziqashi zaseClermont, owesilisa “egwaza ebulala intombi yakhe” emqashweni wabo ngoLwesibili emini.
Lona wesilisa kuthiwa ufike ehaza ngeloli lasemsebenzini wakhe, wavalela endlini umufi, wamgwaza kaningi ngaphambi kokuba aphume ahambe sengathi akwenzekanga lutho.
Ngokusho komunye ocele kungadalulwa igamalakhe ngenxa yokwesabela impilo yakhe, umsolwa ufice owesifazane nodadewabo beqoqa izimpahla ngaphakathi endlini.
Kuthiwa ucele udadewabo kamufi ukuthi athi ukulinda emnyango kancane, usafuna ukukhuluma nomufi isikhashana ngaphakathi endlini abebehlala kuyo.
“Uthe uma eqhela udadewabo kamufi, umsolwa wangena maqede wavala umnyango ne-burglar guard,” kusho umthombo.
Uthe bezwe ngomufi esememeza ethi ucela usizo,nangu umsolwa emgwaza.
“Sisondelile samcela ukuthiavule umnyango, simcela ukuthi noma ngabe yini emdinile, kuhle bahlale phansi bayikhulume, bangalimazani,” kusho umthombo.
Uthe kuthe emva kwemizuzwana umufi ekhala, bezwa izwi lishintsha, esekhalisa okomuntu oklinywayo. Uthe nakhona lapho baqhubekile banxusa ukuthi umsolwa angaqhubeki nokumenza okubi umufi.
Uthe ngoba iningi labo bekungabantu besifazane, babuye basaba ukuthi kungenzeka kunobungozi ukulokhu bemiphambi komnyango yendlu yalezi zithandani, bangena kwezabo izindlu.
Uthe bebezama ukushayela ucingo amaphoyisa nabosizo oluphuthumayo kodwa izingcingo zakhona zikhala zingabanjwa.
“Ngaleso sikhathi, sibe sesizwa esethule lona wesifazane. Ngokucabanga kwethu besithi mhlawumbe usequlekile, ngakho siqhubekile nokushaya ucingo,” kusho umthombo.
Kuthe bese matasatasa nocingo, bezwa umsolwa evula umnyango ne-burglar guard, ephuma, maqede wathi: “Anoke nifunde ukuyeka ukuthanda izindaba zabantu.”
“Ngesikhathi esho lokho ubeyophuma ngomnyango, wangena elolini lasemsebenzini wakhe, wakhala amaphepha,” kubeka umthombo.
Uthe emva kokuhamba kwakhe, baphumile bayolunguza ngaphakathi endlini yabo ngewindi langemumva, babona umufi edindilize phansi, kukhombisa ukuthi ulimele.
Uthe bahambile bayobiza omakhelwane besilisa abafike basika i-burglar guard, bagqekeza nomnyango nokuyilapho bebone khona ukuthi umufi unamanxeba amaningi okugwazwa entanyeni nasesifubeni.
“Sithukile. Besingakulindele lokhu kumsolwa. Yize bebenakho ukuhlale baxabane kodwa besingakaze sicabange ukuthi ngelinye ilanga uyombulala,” kusho umthombo.
Uthe bagcine bengazanga ukuthi yini le ebidine umsolwa kangangokuthi ubengaze akhiphe umufi umphefumulo.
Uthe bese beneminyaka ezela kwengu-10 bethandana futhi behlala ndawonye nomufi okuthiwa ubefika ngempelasonto ngoba isikhathi esiningi uhlala ejalidini lapho asebenza khona.
Uveze ukuthi yize bebengeze babuzana okuningi beyiziqashi kodwa bezwa kancane ukuthi umufi ungowase-Eastern Cape, kuthi umsolwa kube ngowasePort Shepstone.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaDabeka, aphenya icala lokubulala. UConst Ngcobo uthe kusolakala ukuthi owesifazane oneminyaka engu-31 ugwazwe wabulawa umuntu abekade azana naye ngoLwesibili.