UVELE washwaqa ebusweni, wakhombisa ukudideka, wadla imihlathi owesifazane osolwa ngokubulala ngesihluku umama nengane ngesikhathi inkantolo imkhombisa izithombe zababulawa, ngosuku abatholakala ngalo.
UNksz Pamela Slindile Zamisa ongummangalelwa wokuqala, ukwenze lokhu esebhokisini lofakazi ephicwa ngemibuzo yiJaji Sibisi eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu.
Utolika wenkantolo, obemi eduzane kukaNksz Zamisa, uthe nhla lezi zithombe wahlahla amehlo emuva kwalokho akabange esafuna ukuzibuka.
Emuva kokuthi ummeli kaNksz Zamisa, uZeera Fareed nomshushisi u-Advocate Gugu Xulu bephothule ukuphonsa imibuzo ummangalelwa, uSibisi ucele ukucaciseleka ngobufakazi ethulelwe bona.
Ube eseyalela inkantolo ukuthi yemukelise uNksz Zamisa umqingo we-albhamu yamaphoyisa enezithombe ezathwetshulwa ngo-Okthoba 6, 2020 lapho kwatholakala khona izidumbu.
Ijaji libuze uNksz Zamisa ukuthi izimpahla ezigqokwe ababulawa, uNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12) kulezi thombe, ziyefana yini nalezi agcina ukubabona bezigqokile.
Uvumile uNksz Zamisa wathi okunye kwakho kuyefana, lapho ubeseshintshe nasebusweni ebukeka okomuntu othukile.
Emuva kweminye imibuzo embadlwana, uSibisi ube esemkhulula ebhokisini labasolwa uNksz Zamisa, osuke ebhokisini lofakazi wabuyela ebhokisini labamangalelwa obekunendodakazi yakhe uNksz Andile Zamisa, okulindeleke ifakaze namuhla.
Emuva kwemizuzwana ehlezi phansi uNksz Zamisa, uphakamise isandla edonsa amehlo ejaji, wakhala ngokomela amanzi okumxine isigubhukane ethinta umqala.
Nebala inkantolo imnikezile amanzi ngesigubhu wagcina ehle nawo ngezitebhisi zenkantolo eshona phansi emgodini ebuyiselwa ezitokisini emuva kokuhlehliswa kwecala.
Phambiilini lo wesifazane utshele inkantolo ukuthi akazange athumbe, ashaye, abulale noma ayolahla izidumbu KwaDabeka eClermont.
Watshela inkantolo ukuthi yena wagcina uNkk Simamane noSibongakonke bephila ngesikhathi wayekade exoxa nabo bemi ngaphandle kwesango lomuzi wakubo eNewlands West.
Icala liyaqhubeka.