USHALAZELE isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ngesihluku indodakazi yakamakhelwane, isidumbu sayo esitholwe sisongwe ngengubo yokulala emotweni kayise okuthiwa wayeyiphuthumisa esibhedlela, esigamakweni esenzeke eManzimtoti, ngesonto eledlule.
INkantolo yeMantshi yaseMbumbulu inqume ukulihlehlisela u- Ephreli 4, kulo nyaka, icala elibhekene noMnuz Mzo Mkhize (33) osolwa ngokubulawa kukaThobeka Radebe (19). Kuthiwa uboshwe ngoMgqibelo, ebhace eClairwood, kanti unyamalale emva kokubhadanywa nguyise kamgilwa egwaza indodakazi yakhe okuthiwa yayisele yodwa kubo, abazali besemsebenzini, izingane ezincane zakwabo zisesikoleni.
UMnuz Aggripa Radebe uyise kamgilwa ekhuluma neSolezwe emva kokuhlehliswa kwecala, uthe ukunqaba kwakhe ukuphuma ngebheyili mhlawumbe kumsizile njengoba bebaningi abasamdinelwe ngalesi senzo.
“Bekuzoba nzima ukumbona njengoba kuwumuntu ohlala emzini osondelene nasekhaya. Engingakusho ukuthi uzisize yena ngokungayiceli ibheyili, ngoba angazi besizombhekelwa ubani,” kusho uRadebe.
Uqinisekise ukuthi uThobeka ufihlwe ngoMgqibelo. URadebe ofundisa esikoleni Isipingo Beach, ngosuku lwesigameko, uthe wajika esesemsebenzini ngesikhathi ezizwa eshiywa yigazi, watshela uthishomkhulu ukuthi akazizwa kahle.
Uveze ukuthi ngesikhathi eqhamukela ekhaya, wabona kuvulwe isicabha segaraji okuyilapho kwaphuma khona umsolwa waqhasha okuthiwa udume endaweni ngokuhlalisa umphakathi lubhojozi.
Isidumbu sikaThobeka sitholwe ngamaphoyisa emotweni kaRadebe eyayimi emgwaqweni uKingsway iphantshelwe amasondo. URadebe nayehamba naye bahlonywa ngemibuzo, babuye badedelwa emva kokuchaza ukuthi unguyise wengane, ubeyiphuthumisa esibhedlela. Wabika ukuthi amasondo emoto yakhe agwazwa wumsolwa ngesikhathi yena esematasa ezama ukuhlenga impilo yendodakazi yakhe.