AKAZISOLI ngesinqumo sakhe sokushiya izifundozakhe zeNational Diploma in Quantity Surveying, umfana wasoPhongolo oqale ibhizinisi ngoba engalitholi ithuba lokwenza uqeqesho lomsebenzi (in service training).
UNduduzo Nkosi(24), odabuka esigodini saseBelgrade ubenza iziqu zakhe eMangosuthu Universityof Technology (MUT) kodwa wangagogoda ngoba eshoda ngendawo azoziqeqeshela kuyona lomsebenzi.
Leli phephandaba lithole ngoNkosi njengamakhasimende akhe ambona emgwaqweni oseDavenport, eThekwini lapho ezakhele khona ugazi ngokudayisa amakhekhe kule ndawo.
Elandisa ngebhizinisi lakhe uthe uliqale ngoba enqena ukuhlala alindele ukuthola ukuqeqeshwa kwe-in service, kunalokho wathola into azolinda ngayo.
“Into engiyiqale ngoba ngichitha isikhathi iyona esingiziphilisa ngayo nokungenza ngingazisoli ngesinqumo sami sokuqala lelibhizinisi.
“Yize kunjalo kodwa ngisazimisele ngokuqedela ukuze ngithweswe iziqu, ngijabulise abazali bami nokubatshengisa ukuthi ngikwenzile ababengithume kona enyuvesi,” usho kanje.
Ngesikhathi ithimba lezintatheli livakashele ibhungu lifike esesendaweni entsha asebenzela kuyo, ayithole ngomlungu athe ubesenesikhathi eside ebona ukuzimisela kwakhe edayisa amakhekhe.
“Ibhizinisi ngiliqale ngoJulayi ngonyaka odlule kanti bengivuka ngehora lesithathu ezintathakusa njalo ukuze ngibhake amakhekhe engizowadayisa kusukela ngehora lesithupha ekuseni,” kuchaza uNkosi.
Uthe ubengazi ukuthi kunabantu abayibonayo intshisekelo yakhe ngebhizinisi kodwa ngoNkulunkulu emkhulu, konke kuzivelele uma esethola ithuba elikhulu kangaka lendawo azosebenzela kuyo.
Eqhuba uthe njengamanje uphiliswa yilona leli bhizinisi futhi usebonile ukuthi uyakude ngayo yize ezimisele ngokugogoda iziqu zakhe abesejabulisa abazali. Njengamanje uNkosi utholakala khona emgwaqweni uHelen Joseph endaweni evalekile ebizwa nge-Isiqalo Lifestyle.