INGCINDEZI nokuhlala edlinza ngokuvalwa kwenyuvesi, wabe esehlala ekhaya ngesikhathi sokubheduka kobhubhane lweCovid-19, kuzale ibhizinisi kowesifazane waseMpangeni.
UNksz Thembelihle Mathaba ongumsunguli wenkampani ekhiqiza uju lwezinyosi, iThothelihle Bee Farming, uthe wazithola esebhuquza ekhaya ngo-2020 ngoba inyuvesi i-Durban University of Technology (DUT) yabe ivaliwe, nebhizinisi lakhe lokudayisa izimpahla zokugqoka namakha nalo selishabalele ngoba bekungavumelekile ukuba uvanzi.
Ngesikhathi ehleli ekhaya wathatheka ebona uyise nomngani wakhe ababechitha isizungu ngokutapa amakhekhe ezinyosi emahlathini.
"Bona babedayisa amakhekhe ezinyosi, nami ngaqale ngahamba nabo senza okufanayo. Ngesikhathi ngihamba nabo ngafunda ukuthi uzilalisa kanjani izinyosi uma sekushaye isikhathi sokuthi uvune, uthathe amakhekhe azo ngale kokulimala. Ngafunda ukuthi uziheha kanjani ukuze ziye emabhokisini akhelwe ukuthi uzobuye uvune amakhekhe. Ngathatheka uma ngibona indlela imvelo esebenza ngayo," kuchaza uNksz Mathaba.
Uthe wabona ithuba lebhizinisi lokudayisa uju olusemabhodleleni esikhundleni samakhekhe njengoba uyise nomngani wakhe ababenza ngayo.
UNksz Mathaba ungomunye wosomabhizinisi abancane ebebekhangisa ngomsebenzi wabo embukisweni wosomabhizinisi abancane obuhlelwe uMasipala weTheku, obisenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu, ngesonto eledlule. Uthe ubeqala ukuthola ithuba lokukhangisa ibhizinisi lakhe embukisweni, ejwayele ukudayisa ezimakethe ezidayisa imikhiqizo yezolimo.
Le ntokazi ithi ithole amakhasimende amaningi kulo mbukiso, yabonwa nayisikhungo i-DUT, okuyisona esayisiza ukuthi ilungise umbono wayo webhizinisi, ngokwelulekwa uphiko lwayo olwaziwa nge-Innobiz Enterprenuer Centre.
"Ngiphothule izifundo zami zePost Graduate kwi-Human Resources Management (HR) ngo-2023. Kulo nyaka ngisakhokha umoya. Lokho kwenze ukuthi ngingabikhona kumakhompyutha aseDUT akhomba ukuthi ngiyisitshudeni sakhona kodwa uma sebengibona bakhumbulile. Kwavuleka ithuba lokuthi bangitshele uma benemibukiso okungena kuyo abantu abaphekwe ilesi sikhungo. Kumanje ngikomunye umbukiso ngenxa yalokho," ehleka.
Uthe kulo nyaka ukhiqize u-50l woju ngamabhokisi angu-20 abanawo.
Uqhube wathi kuningi asekufundile kulo mkhakha njengokuthi uma usuwenza ibhizinisi kumele ubhalise ebhodini elithile, eliqale libheke ukuthi uma uvunyelwa ukufuya izinyosi endaweni ethile okungaba isepulazini noma esiqiwini, ngeke ubeke abasebenza khona engozini. Kubhekwa nokuthi kwawena uphephile yini? Kuqinisekiswa ukuthi ngeke uhlaselwe yizinyosi ngoba usuqeqeshiwe ukuthi zisetshenzwa kanjani.
"Ngisaphezulu kwalowo mkhankaso ukuze ngikwazi ukuya emapulazini ngiyocela ukufuya khona ngoba khona kunezihlahla ezithile izinyosi ezincela kuzo uju bese zakha amakhekhe akhipha uju olunhlobonhlobo. Abanye abalimi bakubiza bona ngoba izinyosi ziyasebenza zisabalalise impova (pollen) ezitshalweni zabo, ukuze zithele kakhulu kodwa kudingeka ulithathe lelo thuba uma unawo amaphepha efanele," kusho yena.
Uthe useqale nokwenza insipho esebenzisa lona uju kodwa isahlolwa ukuthi iphephile yini, akakayidayisi ezitolo.