USESOLA ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokuthunjwa kwengane yakhe encane owesilisa waseWelbedacht, eChatsworth, kulandela ukushintsha kwendlela yokuziphatha kunina wayo.
ULwandle Mdletshe, owayenezinyanga ezimbili ezelwe, kuthiwa wathunjwa ngamadoda angaziwa ngasekuqaleni kukaMashi nonyaka.
Ngokusho kukanina ngaleso sikhathi, amadoda afika kubo ehlome ngezibhamu, afike afuna ngodli ilungu lomndeni ayelisola ngokweba utshwala babo endaweni yokucima ukoma.
Lona wesifazane wathi bathi uma belandula ukuthi leli lungu elalifunwa yilaba bantu abangaziwa alikho ekhaya, bavele baqukula ingane egunjini lokulala, bahamba nayo.
Uyise wayo, uMnuz Sfiso Duma, utshele Isolezwe izolo ukuthi usexakwa yindlela unina wengane asekhululeke ngayo.
“Akasakhombisi ukuthi usanda kulahlekelwa yingane encane, eyathathwa ngabantu. Usezikhululekele nje, impilo yakhe iyaqhubeka,” kusho uDuma.
Uthe ngenyanga edlule lona wesifazane uze wakhipha amagama athi abahlukane okungcono, bayoxhumana mhla kwabuya ingane.
“Ngisale ngimangele ukuthi uqonde ukuthini nokuthi iyobuya kobe kwenzenjani uma ithunjwe ngabantu abangaziwa ngempela,” kusho uDuma.
Ubuye waveza ukuthi lona wesifazane usecwila ezinkambeni kodwa okumphatha kabi ukuthi unodlame kuyena.
“Usehlale ephuzile. Uke wafika lapho engihlala khona wabulala wonke amawindi, ehamba nabangani bakhe besifazane nabesilisa,” kusho uDuma othe akamvulelanga cala unina wengane yakhe emva kwalesi sigameko.
Uveze nokuthi nomakhelwane bake bashaya amakhala ngendlela unina wengane aziphethe ngayo, baveza nokuthi bayakuqaphela ukuthi nguye yedwa uDuma oseze wancipha ngisho emzimbeni kulandela isigameko.
Uthe kuningi nje okumfikelayo emqondweni, usola nokuthi kukhona akufihlelwa ngunina wosana nomndeni wakhe.
“Mhlawumbe kuneqiniso abalaziyo mina engingalazi. Mhlawumbe ingane yathathwa nguyise wayo wangempela, mhlawumbe wafika kimi evele ekhulelwe, angazi,” kusho yena.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukanina wengane ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, yathi uma iqhubeka izama intatheli, yathola ukuthi alusangeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe akukabi bikho lutho olusha ngaleli cala. Phambilini wayesiqinisekisile isigameko sokuthunjwa kosana, wathi kujutshwe ithimba labaphenyi abaphezulu ukuba baphenye.