INKOSI nomphakathi baphakamise ukuthi ashenxe endaweni, ukuze aphephe umfundisi webandla leZayoni obhekene necala lokubonakala eguduza umuzi womuntu nemfene eCingci, kwesakwaMthethwa, eMpangeni.
Udaba lomfundisi (igama ligodliwe) belulalelwe enkantolo yesizwe ngeledlule ngeSonto lapho kuvele khona ukuthi umfundisi akanazo izimpendulo ezigculisayo ezinsolweni abhekene nazo.
Kuthiwa umphakathi ubuvutha ungabaselwe uthi akaphume aphele endaweni.
Leli phephandaba phambilini like labika ngodaba lomfundisi owaze wayomangalelwa enkosini yesizwe.
Umthombo weSolezwe ngeSonto obuthamele udaba uthi kuvumbuke namacala amaningi amadala lapho umfundisi ayebanjwa khona emizini yomakhelwane bakhe ebusuku, axoliselwe. Kuthiwa umphakathi uyeke ukumsobozela ngoba uhlonipha induna nenkosi yesizwe abebelokhu bethi ayihlale phansi ibambe umthetho. Nakhona lapho kuthiwa kwalamula ukufika kwamaphoyisa acebisa ngokuthi udaba lungenwe yinkosi, ukuze kube nozinzo endaweni.
"Umphakathi awusamfuni nokumbona. Akalungile lo muntu, kuningi okuvelile ngesikhathi kuxoxwa. Sizwile ukuthi kukhona indawo azocupha kuyona ngoba inkosi ithe kungaba kuhle asuke phakathi kwabantu abangasamethembi ngoba akaphephile,’’ kuchaza umthombo.
Induna yenkosi yesizwe eyaziwa ngoMthethwa engafunanga ukudalula amagama ayo, ithe inkosi ayimdingisanga umfundisi kodwa icele ukuthi abhekelele ukuphepha kwakhe, ngokuthi abone ukuthi wenzanjani ngoba umphakathi kaweneme ngokuhlala naye endaweni.
"Inkosi ayinawo amandla okudingisa umuntu kodwa izobhala incwadi ibikele uhulumeni (uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ) ukuthi abantu bakhala ngomfundisi. Into ebekwa phambili wukuphepha kwakhe nomndeni wakhe yikho inkosi ithi akenze imizamo abona izomsiza,’’ kusho uMthethwa.
Imizamo yokuthola umfundisi ayiphumelelanga njengoba engalubambanga ucingo lwakhe.
Umndeni owawufake isimangalo awuthandanga ukuphawula ngodaba njengoba kuthiwa kuhlonishwa inkosi yesizwe esingethe udaba.