IBHODI leNgonyama Trust lithi liyalwamukela uphenyo olujusthwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini oluzophenya ngokunyamalala kuka-R41 million kulesi sikhwama esigade umhlaba kaZulu.
Iphini likasihlalo webhodi, u-Advocate Linda Zama, lithe nabo bafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngalo R41 million.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esidlweni sasekuseni izolo.
ISilo, esibuye sibe usihlalo webhodi, sisanda kuveza ukuthi sizojuba uphenyo oluzopequlula konke ngokusebenza kwemali yeNgonyama Trust.
U-Advocate Zama uthe kunemali eyasetshenziswa ibhodi eledlule okungacaci ukuthi yashonaphi.
“Iningi lenu lihlezi lifunda ngalo R41 million, nathi sifuna ukwazi ukuthi washonaphi . Ngeke siyiphike indaba kaR41 million ngoba igcwele kwabezindaba.”
U-Advocate Zama uthe ike yaba khona imizamo yokuqala uphenyo phambilini kodwa yabuye yavinjwa.
“Eminyakeni emine eyedlule ungqongqoshe wazama ukuqala uphenyo kodwa imizamo yakhe yavinjwa ibhodi eledlule. Nansi iphinda futhi isiqala phansi le ndaba. Ngithi angikucacise ukuthi ekuqaleni kwakungungqongqoshe owayefuna ukuthi kube nophenyo, manje sekuwusihlalo webhodi ofuna ukuthi kuphenywe.
“Isinqumo esihle lesi esithathwe usihlalo webhodi, futhi siyasincoma. Ukunyamalala kwale mali kwenza ukuthi sibe nemibuzo eminingi. Le nto idala isithombe sokuthi kuningi okungahambi kahle. Esimweni esinjalo kubalulekile ukuthi kuphenywe konke. Thina asinankinga inqobo nje uma kuwukuthi uphenyo luzolandela imigudu yomthetho ebekiwe. Uphenyo kufanele lulandele imigudu ebekiwe.”
U-Advocate Zama uthe bafuna nokwazi ukuthi ubani ozothwala izindleko zophenyo.
Encwadini, iSilo sasikade sicele uNgqongqoshe wezeMihlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, ukuba alekelele ekukhokhelweni kwezindleko zecala.
Phezu kophenyo iSilo siphinde sifune nokuthi kuhlakazwe ibhodi elikhona njengoba sikhala ngokuthi alifuni ukusebenzisana naso.
U-Advocate Zama uthe udaba lokuhlakazwa kwebhodi ludinga ukuba kulandelwe umthetho.
Uthe uNyhontso angalihlakaza ibhodi uma kunesidingo.