IPHUME ijabhile futhi ithukuthele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini imindeni yamantombazane amabili abulawa ngesihluku eKenville, eThekwini, ngesikhathi kuhoxiswa amacala abhekene nomsolwa wesibili.
Abafi, uNksz Anele Mbokazi (29) nomngani wakhe omkhulu, uNksz Zizipho Gabisa (30), badutshulwa bafa esigamekweni esenzeka ngo-Agasti 25.
Emuva kwalokho bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oMnuz Lungani Mthethwa (38) nomngani wakhe, uMnuz Sandile Chili (29).
Izidumbu zabafi zatholakala zidindilizile emgwaqweni waseKenville. Kwavela ukuthi babekade belandwe abamangalelwa emakhaya eRiverview Park, eVerulam, ngo-Agasti 24.
Izolo inkantolo ithe iyawahoxisa amacala abekade ebhekene noChili yase iveza ukuthi usezophenduka ufakazi omkhulu woMbuso uma sekuqala ukuqulwa kwaleli cala ngonyaka ozayo.
Ubekade ethweswe amacala amathathu elokubulala, elokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
"Inkantolo iyawahoxisa amacala obukade ubekwe wona, usungakhululeka,'' kusho imantshi ibhekise kuChili.
UChili ube esesuka ebhokisini ephumela emnyango ehambisana nommeli wakhe.
Ubebonakala emamatheka kungabuzwa ukuthi lezi zindaba ziyefana noju kuyena.
Ngaleso sikhathi uMthethwa ubonakale emgqolozela uChili waze wayophuma ngomnyango kubonakala nje ukuthi akayikholwa le nto eyenzekayo eshiywa ngumngani wakhe ebhokisini.
Lesi sinqumo senkantolo silethe enkulu intukuthelo kwabemindeni yabafi.
UMnuz Mvuselelo Magwaza, okhulumela umndeni ka-Anele, usole inkantolo ngokuba budedengu ngokudedela uChili.
"Ibheyili le abamnikeza yona ekuqaleni beyenele, hhayi le nto asebeyenza manje. Ibuhlungu le nto eyenziwa yinkantolo. Umdedela kanjani umuntu owayekhona kuhlelwa kwenziwa yonke into? Ngaphezulu kwalokho wangawabikela amaphoyisa ngokuthi kukhona abantu asebebulewe,'' usho kanjena.
Ulimise ngesihloko elokuthi kabahambisani nhlobo nesinqumo senkantolo.
UMnuz Mondli Gabisa, wakubo kukamufi uNksz Gabisa, naye ukhale ezimathonsi ngesinqumo senkantolo sokudedela umsolwa wesibili.
Ngaphambilini uChili wamchakida umngani wakhe, etshela inkantolo ukuthi nguyena (uMthethwa) owadubula wabulala ephindelela abafi.
UChili watshela inkantolo ukuthi abafi bababhukhela eRoyal Hotel, waveza ukuthi umsolwa wokuqala nguyena owayebhekelele zonke izindleko.
Waveza ukuthi ebusuku lwalukhala umlibe ucingo lukaNksz Mbokazi okuyinto eyagcina seyimnenga uMthethwa. UNksz Mbokazi watshela uMthethwa ukuthi izingcingo zivela kubo.
Ngokobufakazi bukaChili, uMthethwa wathi mabaphindiselwe emuva abafi maphakathi nendlela, wathi yena wazumeka waphaphama imoto seyiseKenville okuyilapho uMthethwa ayalela khona abesifazane ukuthi mabakhale phansi.
Ngemuva kwalokho uChili uthi uMthethwa wabe esebadubula bafa.
Waveza ukuthi babekade behlangene ngo-Agasti 10 emcimbini owawukade use-Escourt kwase kushintshwana ngezinombolo zezingcingo.
Izolo bekulindeleke ukuthi kungene isicelo sebheyili sikaMthethwa kodwa lokho kwagcina kungenzekanga njengoba ummeli wakhe, u-Advocate Clinton Shoot, ekhale ngokuthi kunesitatimende okumele siqale sifinyelele kuyena ngaphambi kokuba kwenziwe ibheyili.
Uphakamise ukuthi ukufakwa kwesicelo sebheyili kuhlehliswe ngoba ukholwa ukuthi ngeke size senzeke kahle ngaphandle kwalesi sitatimende.
Inkantolo ibe seyilihlehlisela uJanuwari 13 icala.
Njengenjwayelo nakulokhu inkantolo ibigcwele phama amalungu emindeni yabafi nawomphakathi.
Bekukhona nabesifazane bophiko lweMK Party abashaye amakhala ngokuhoxiswa kwamacala kaChili.
UNksz Pearl Gasa, obekhulumela lolu phiko, uthe kabaneme neze ngesinqumo senkantolo sokudedela umuntu obemdibimunye nombulali ngesikhathi sesigameko.