KUMTHOBE amanxeba unina wowayeyisishoshovu esilelwa amalungelo abantu abahlala emijondolo owabulawa, ukunikelelwa ngendlu. Le ndlu enikelelwe umndeni kaMnuz Lindokuhle Mnguni (28) owayeyilungu lenhlangano Abahlali baseMjondolo, kuthiwa yakhiwe ngabakwa-National Housing Finance Corporation (NHFC) emva kwesicelo esifakwe inhlangano yakhe.
UNkk Thembi Mnguni ekhuluma neSolezwe izolo, emva kokumukeliswa ngokusemthethweni isikhiye sendlu, emcimbini obuseWartburg, KwaSwayimane, uthe nakuba kwavuleka isilonda esisenkathi ukuphola kubulawa indodana yakhe, kodwa inhlangano ayeyimele ayizange ibalahle, beyilokhu inabo bewumndeni.
“Ngijabule kakhulu, ngiswele amaphiko okundiza. Kufana nokuthi ngihlala eMhlanga ngikhona lapha emakhaya ngendlela indlu enhle ngakhona. Lezi zingane azizange zingilahle, bezilokhu zimi nami kusuka ngosuka okwenzeka ngalo isigameko,” usho kanje.
Inamagumbi amabili okulala, ikhishi negumbi lokuphumula kanye nendawo yokugezela.
Isikhulu esiphezulu kwa-NHFC, uNksz Azola Mayekiso, sithe kuyabathokozisa ukuthola ithuba lokubonisa ubuntu ngokuthi banikelele umndeni wakwaMnguni umuzi.
“Lokhu kuyinto ebaluleke kakhulu kithina ikakhulu ngoba umufi wayesekhaleni ekulweleni ukwakhelwa kwabantu izindlu ezibanikeza isithunzi esibafanele. Njengenkampani i-NHFC ezinye izinhlelo zethu ukulekelela ngemali yokwakha ekhonekayo okubalwa kuzona nokuphucula isimo semijondolo,” kusho yena.
UMengameli wenhlangano Abahlali baseMjondolo, uMnuz S’bu Zikode, uthe kusuka eminyakeni ewu-19 eyedlule, le nhlangano isaqhubeka nomkhankankaso wokuthi abantu banikezwe umhlaba, bakhelwe izindlu ezibanikeza isithunzi esifanele.
“Phakathi kwezinselelo eziningi ezibhekene nomphakathi kubalwa ukungalingani, izinga eliphezulu lokungasebenzi nesidingo sokuthi bakhelwe izindlu. Yilokho esidinga ukukuzuza. Yevile ku-4 279 imijondolo kuleli, kanti balinganiselwa ku-2 million abantu abahlala kuyo,” usho kanje
UMnguni owayengusihlalo wenhlangano Abahlali baseMjondolo eCato Manor, eThekwini, wadutshulwa ngo-Agasti 2020, ehlaselwa esendlini yakhe ngabasolwa abathile ekuyo le ndawo.
Kulesi sigameko kwalimala kabi intombi yakhe eyathelwa amachaphazelo njengoba wayenayo endlini ngobusuku besigameko. Wayehlala nonina namanye amalungu omndeni kuyo le mijondolo ngesikhathi edutshulwa.
UNkk Mnguni uthe ngesikhathi indodana yakhe ibulawa, umndeni wawusuvele uthole indawo eWartburg, uhlela ukwakha, okuyilapho afihlelwa khona.