ISIKHULU esiphezulu kuMasipala waseMadlangeni, sisenkingeni ngokuqamba amanga sithi sinesipiliyoni somsebenzi, sisenga ezimithiyo.
UNkk Nonkululeko Maphisa, okumanje uwumqondisi ophikweni i-Corporate Services kulo masipala, angase abhekane nezembe njengoba udaba lwakhe luzodingidwa emkhandlwini ngoLwesibili oluzayo. Kuthiwa usenonyaka eqhoqhobele isikhundla akuso.
"Waqamba amanga, wathi usebe sesikhundleni esiphezulu kwabanye omasipala okwamenza waba ngofanele ukuthi aqashwe kulesi sikhundla njengoba bekudingeka umuntu oseneminyaka emihlanu esikhundleni esiphezulu kwenye indawo,“ kusho umthombo waleli phephandaba.
IMeya yaseMadlangeni, uMnuz Mzwakhe Buthelezi, ikuqinisekisile ukuthi udaba lungolunye lwezindaba ezisezithebeni kumasipala.
“Ngalo uLwesibili sizobe sesinayo impendulo eqondile. Uma kungukuthi ngempela umqondisi akaqashekanga ngendlela eqondile, kuyomele kube nezinyathelo ezithathwayo ngoba asifuni ukufaka umasipala ehlazweni,” kusho uButhelezi.
Leli phephandaba linayo ikhophi yencwadi yocwaningo ebihlola ngokuba sesikhundleni esiphezulu kukaNkk Maphisa kwabanye omasipala.
Kuyona kuvela ukuthi uNkk Maphisa wayengaphansi kohlelo lokuqeqeshwa ngaphansi kukaMasipala wasoLundi, eyiYouth Programs Facilitator, okwathatha unyaka owodwa, waba yiHR Manager izinyanga eziyisithupha enkampanini ezimele iPure Magic.
Kuvela nonyaka nezinyanga ezintathu eyiphini lemeneja eLegal Services, kuMasipala wasoLundi, kube yiSpecial Programmes and Mayoral Support, unyaka nezinyanga eziyisithupha, kumasipala waseNdumeni kuphinde kuvele nePublic Participation & IGR, iminyaka emibili nezinyanga ezinhlanu kumasipala waKwaNongoma.
Leli phephandaba linayo nekhophi yencwadi enophawu lukaMasipala wasoLundi, eveza ukuthi isikhundla sePhini lemeneja yakwaLegal Services asikaze sibe khona kulo masipala, futhi akekho osake waqashelwa lesi skhundla kuwona. Isayinwe yimenenja kamasipala uMnuz ZG Dhlamini.
Kuthintwa uNkk Maphisa ucingo lwakhe beluvaliwe kanti nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Imenenja kumasipala waseMadlangeni, uNkk Grace Mavundla, ithe ngeke ikwazi ukuphawula ngalo ngoba lusezithebeni zikamasipala kanti imeya wuyena umuntu onelungelo lokuthi akhulume ngezindaba zalolu hlobo.