USELAPHA abantu ngokomphefumulo umsakazi woKhozi FM oshayela uhlelo lwasekuseni, iVuka Afrika Breakfast Show.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto Online, uSipho Mbatha odume ngelikaSgqemeza, uthi eminyakeni emithathu ube nengxoxo noNkulunkulu lapho emchazela khona ngokumele akwenze okumayelana nokudonsela abantu ezwini lakhe.
“Bengivele ngingaqhelelene noNkulunkulu ngoba eminyakeni engu-14, bengivele ngenza izinkulumo zokwakha neziphinde zigqugquzele abantu. Kodwa eminyakeni emithathu eyedlule, ngibe sengigxila kakhulu enkolweni,” kuchaza uMbatha.
Uthe uNkulunkulu wamnika izinto ezimbili okumele azenze; ukukhipha abantu ebumnyameni abafake ekukhanyeni.
Uveze ukuthi ngelinye ilanga kwakumele ayodlala emcimbini owawuzomkhokhela uR50 000 kodwa noNkulunkulu efuna ukuthi ayoshumayela emcimbini othize.
“Ngakhetha uNkulunkulu ngoba wakucacisa ukuthi kumele ngisebenzele ukukhanya. Ngabona ukuthi akuyona vele into enhle ukuthi ngiyodlala umculo wasemakibabhini, kuze nengane engazela emsakazweni igcine iphuza utshwala kulowo mcimbi, kungcono ingifice ngishumayela,” kusho uSipho obelokhu ecaphuna iBhayibeli ukweseka lokhu akade ekusho.
Uthe uma eyoshumayela kumbe ehambe ngezwi leNkosi, usuke engafuni nesenti. Uveze ukuthi uke wayibuyisela emuva imali, umfundisi lapho ayeshumayela khona esethi abazalwane abamnikelele, wabachazela ukuthi akakhokhisi ngomsebenzi kaNkulunkulu.
Uphethe ngokuthi unesiphiwo sokuthandazela abantu baphile kodwa uthi kusuke kungayena kodwa kungumsebenzi kaNkulunkulu ngoba amandla asuke evela kuyena.
Uphinde wancoma nonkosikazi wakhe athe ubambisene naye enkolweni, kanti futhi ukhonza ebandleni lakhe elikwaPhongola.
Uthe akukho ezinhlelweni zakhe ukuqala ibandla lakhe kodwa uyozwa ngoNkulunkulu.