KUSOLWA ukuthi ubhace eMozimbique omunye wabasolwa ongowokufika kuleli, ecaleni lokubulawa kwephoyisa ebelisebenza esiteshini esiKwaMbonambi eMpangeni nomngani. Isidumbu salo satholwa silaxazwe osebeni lomfula uMsunduzi, emasontweni amathathu adlule.
U-Warrant Officer Nkosinathi Ntinga (49), kuthiwa wayehleli nenkosikazi yakhe uSergeant Ntombizodwa Ntinga (44) ongummangalelwa wokuqala kuleli cala nomngani womndeni, uMnuz Mpendulo Mdluli owayeyisivakashi, ngesikhathi kungena abasolwa bebakhomba ngezibhamu, bephoqa ukuthi babanike izibhamu zomsebenzi ngaphambi kokuthi babaphoqe ukuthi bangene emotweni yesivakashi, bahambe nabo bashiya inkosikazi kaNtinga ingenamyocu.
UMdluli obesebenza engumabhalane emaphoyiseni, watholwa elaliswe eceleni lomgwaqo elimele, ebangeni elingamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho babethathwe khona. Ushone esesibhedlela ngesonto eledlule.
Kulesi sigameko, inkosikazi kamufi iboshwe nababili oMnuz Samkelo Mpanza (33) noThomas Zungu. Bebevele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni.
Kuvele ukuthi kunomsolwa wesine okukholakala ukuthi usekubhaceni eMozambique njengoba kuthiwa ungowokufika kuleli. Kuthiwa kunommangalelwa kulaba abathathu oseveze ukuthi umsolwa osekubhaceni wuyena obulale ngokudubula uNtinga.
Abasolwa ababili okunguNkk Ntinga noMpanza bese kungokwesithathu bevela enkantolo selokhu beboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe.
Umsolwa wesithathu uZungu ubevela okokuqala. Inkantolo ilihehlisele uLwesihlanu icala ukunikeza umsolwa wesithathu ithuba lokuthola ummeli, iphinde inqume usuku lokulalelwa kwesicelo sabo sebheyili.
Ngesikhathi bevela enkantolo, amalungu omphakathi abedlubhe izingubo ezimnyama abekhuza iziqubulo ngaphandle kwenkantolo, ukufaka ingcindezi ekutheni abasolwa bengayinikezwa ibheyili, nokuveza ilaka labo ekulweni nesihlava sodlame lwangokobulili.
Omunye wabagqugquzeli, uNksz Phikowokuhle Mathenjwa wenkampani yabameli, iMathenjwa Attorneys, uthe bafuna kwenziwe ubulungiswa.