KUCACELE noma ngubani ukuthi ukulwa kwelungu leCope ebeliyiPhini likaMengameli weqembu uMnuz Willie Madisha, kukhale ngaphansi. UMadisha ubelwela ukuthi kugcinwe ubulungu bakhe kwiCope kepha uchithiwe nasePhalamende.
Lokhu kuqinisekiswe nguSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, namhlanje ngaphambi kokuthi anike uMengameli uCyril Ramaphosa, ithuba lokuphendula imibuzo yamalungu ephalamende.
Usomlomo uthe ngo-Agasti 16, bafungise ilungu elisha leCope elizongena esikhundleni sikaMadisha. Akagxilanga emininingwaneni yodaba, ube esethula ilungu elisha lephalamende elimele iCope. Ngaphambi kokuthi aqale ukukhuluma uMengameli wezwe, uSotswebhu weDA, uNkk Siviwe Gwarube ucele ukuthi kube nomzuzu wokuba kuhlonishwe abangu-74, abashone kusha ibhilidi eGoli. USomlomo usivumile isicelo, ngemuva kwaso kube sekungena umengameli waphendula imibuzo.
Njengoba bekunokudonsisana kwiCope, uMadisha ubezama ukuxosha onguMengameli weqembu uMnuz Mosiuoa Lekota, wahluleka. Kumanje uLekota usahlezi esikhundleni. Kube sekukhishwa abebeseka uMadisha abanjengoMnuz Dennis Bloem, obekhulumela iCope kuzwelonke.
Akuqali ukuthi kube nombango kumbe umdonsiswano ofana nalona kuleli qembu kodwa kugcine kuphumelele uLekota. Kuke kwenzeka okufanayo ngesikhathi lisanda kubunjwa, kuxabana uLekota noMnuz Sam Shilowa, kwagcina kuphumelele uLekota.