BAXWAYISWE ngokuthi bangazithola beboshelwa amacala abangawazi abakuleli abazobhalisela abokufika izipaza uma kwenzeka kuba khona abantu ababulawa noma abaguliswa ukudla okuthengwe kulezi paza.
Imeya kaMasipala wase-Alfred Duma, uMnuz Zama Sibisi, ithe ukufa nokugula kwezingane kuzobuzwa kubantu okubhaliswe ngabo izipaza.
Ukusho lokhu esitatimendeni exwayisa khona abantu bakuleli ngengozi yokubhalisela abantu bokufika izitolo.
USibisi uthe ababhalisela abokufika izitolo bazibeka engcupheni.
“Kunemibiko eveza ukuthi abantu bakuleli baqashisa ngezakhiwo zabo, bazinikeza abantu bokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli. Abantu bakuleli ababhalisela abokufika izitolo kufanele bazi ukuthi ibona abazothwala amacala uma kwenzeka ukuthi le zitolo ezibhaliswe yibo ziphula imithetho. Uma kwenzeka kuba khona isigameko esenzekayo, okubhaliswe ngabo izitolo ibona abazophendula.”
USibisi uthe ababhalisela abokufika izipaza abagcini ngokubeka bona engcupheni wathi kodwa babeka bonke abantu bakuleli engozini.
“Abantu bakuleli bakhulume kwazwakala, bagxeka uhulumeni ngokungagcinwa kwemithetho elawula izitolo. Abantu bakubeke kwacaca ukuthi ukungalandelwa kwemithetho elawula izitolo yikho okuyimbangela yokuthi kwenzeke le nhlekelele.
“Manje uhulumeni useqhamuke nohlelo lwezinsuku ezingu-21 lokuthi kubhaliswe kabusha zonke izipaza. Inhloso yalolu hlelo yikho kanye ukulwa nale nkinga yokudla okunobuthi esidlule nenqwaba yemiphefumulo yezingane.”
USibisi uthe bazoqinisekisa ukuthi zonke izipaza ziyayilandela imigomo.
“Nathi sisabela kwikhwelo likahulumeni kazwelonke lokuba sigasele ezitolo, siyobheka ukuthi ngabe iyalandelwa yini imigomo yezempilo neyokuphepha.
“Sithanda ukuqinisekisa ukuthi sizothumela abezempilo, abahlola izakhiwo kanye nabahlola amalayisensi ezitolo ukuba bahambe beyobheka ukuthi iyalandelwa yimi imigomo njengoba kuqhubeka uhlelo lokubhalisa. Sizozihlola zonke izipaza ezilapha e-Alfred Duma futhi zizovalwa zonke izipaza ezizohluleka ukubhalisa ezinsukwini ezingu-21 ezibekiwe.”
Uhlelo lokubhaliswa kabusha kwezipaza lwamenyezelwa uMengameli, Cyril Ramaphosa, ngeledlule.
Udaba lokufa nokugula kwabadle okunobuthi lusanda kuhlonzwa njengenhlekelele.