ZANELE MTHETHWA
UMDLALI wama-drum obengaconsi kwiJoyous Celebration, owasinda engozini yemoto okwashona kuyo elinye ilungu ngoNovemba 30, useshiyile eqenjini.
USiyabulela Sabu Satsha (24), obesedlalele iJoyous kusukela ngo-2012 uthi ngeke aphinde abonakele kuleli qembu.
Uke waba sematheni ngonyaka odlule emuva kokuba yena nozakwabo, uLihle Mbanjwa-Sowazi, obebuye acule phambili, bevelelwa yingozi yemoto.
Kuthiwa babebuya kwenye yamakhonsathi omculo ngesikhathi beba nengozi kwashona uLihle, obedabuka eThekwini.
USatsha walimala kanzima ekhanda, wahlala egunjini labagula kakhulu, wadedelwa esibhedlela ngoDisemba 15.
Ukuqinisekisile ukuthi useluleme futhi odokotela bathe ukuqhubeka nokudlala ama-drum ngeke kumphazamise.
NgoFebhuwari 28 udlale okokuqala ekhonsathini yokuqopha i-DVD kaNtokozo Mbambo eMosaiek Teatro Fairlands, eGoli.
USatsha ubebuye adlalele abanye abaculi okubalwa okubalwa yena uNtokozo nomyeni wakhe, uNqubeko Mbatha.
“Kusukela ngadedelwa esibhedlela bengingakwazi ukudlala ngoba bengingakalulami kahle. Manje akukho okungangivimba ukuthi ngiqhubeke,” kusho yena.
Uthe kade ayeyihlehlisa indaba yokushiya kuJoyous kodwa manje sekufike isikhathi sokuqhubeka nezinye izinto.
“Kwakumele ngishiye ngesikhathi kuzoqoshwa i-JC 17 kodwa ngaqhubeka ngoba abaphathi babengamtholi ozobadlalela. Ngizoqhubeka nokudlalela uNtokozo ngoba ngibuye ngibe wumdidiyeli wakhe womculo. Ngiyingxenye yokudidiyela i-DVD yakhe abeyiqopha ngoba kumele iphume ngoMeyi,” usho kanje.
Uthe uzoke ame emsebenzini wokudlala njengoba kule nyanga ezoqala ezobe eshaya izithombe enzela uhlelo lwaku-e.tv.
Uhlelo, olubizwa nge- I Love SA, luke lwakhonjiswa kulesi siteshi sethelevishini njengoba seluzophinde lubuye.
Uhlelo luqhakambisa ubuhle beNingizimu Afrika uSatsha athe uyaziqhenya ngayo.USatsha, ozakhele udumo ngekhono lakhe, uke wayodlala e-Europe ngo-2013 edlalela abaculi bakhona.
Ushiye kwiJoyous kulindeleke ukuthi kuqoshwe i-Joyous Celebration 19 ezolandelwa wuchungechunge lokuhambela izindawo.
Ngesikhathi kuzungezwa kuzobe kunikezwa ithuba labo abafuna ukuba ngamalungu amasha e-Joyous nabadlali bezinsimbi.
Ngesikhathi esanda kulimala uSatsha uLindelani Mkhize, omunye umphathi we-Joyous Celebration wathi banabo abanye abadlali abangathatha indawo yakhe. Wathi ngisho uSatsha ese-Europe umsebenzi uqhubekile besebenzisa abanye abadlali.